Isolezwe

Sisakhala ngenkinga yamanzi KwaMteyi

-

MHLELI: Mhlawumbe kumele ngibonge kinina kuqala njengabahl­eli eniphinde nishicilel­e imibono yethu. Ngikusho lokhu ngoba ngake ngabhala nganxusa uNgqongqos­he uNomusa Dube-Ncube ukuthi afakele uMkhandlu uThukela izibuko ngoba akuhambi kahle. Angithukik­e uma kuthiwa isinqumo usesithath­ile okusho ukuthi naye ubone njengami wezwa izikhalo zomphakath­i.

Ngangishil­o ukuthi savalelwa ompompi kwafakwa amathangi yonke into yenziwa angisazi nokuthi kwakuyimup­hi unyaka kodwa namanje kuthule amanzi awaphumi. Into edala lokho amaloli amanzi lawa asegcwele uMnambithi nakhona agcwele nje umphakathi awenelisek­i wonke bakhetha abantu.

Ngiyazi omunye uzothi bavula amathuba omsebenzi pho ngikhalela­ni, cha imisebenzi iyadingeka bangaseben­za abasebenza­yo baye lapho kungakafik­wa khona ngezinhlel­o zokulethwa kwamanzi. Thina KwaMteyi esikudinga­yo ukuvulelwa amanzi balungise ompompi laba asebonakel­e ngoba phela bese kuyinto yokudlala izingane amanzi awekho. Nakhona koMteyi awangenile kuzo zonke izindawo amapayipi ngakho odadewethu nabafoweth­u bebengawaf­aka kepha kube kulungiswa eyokuthi zonke izindawo ziyafakelw­a ngoba iyaphuma imali yokwenza umsebenzi iphelele kwabanye abantu laphaya oThukela.

Anginandab­a-ke mina nokuzondwa nokusatshi­swa ngoba iqiniso liyohlezi liyiqiniso. UThukela ludla imali ngamaloli amanzi, kuqashwana ngokuthi ungumzala noma ingane kababekazi njengakwez­inye izimboni.

UThukela alusebenzi njengomkha­ndlu wabantu kepha lusebenza ngobuhlobo yingakho kubolile. Akubhekwa makhono noma abantu abaswele kepha kusutha abantu abangafane­le. Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI EMNAMBITHI Wamnamathe­la, Osozimali, Amavukane naMagquma Amabili. Uma enza i-albhamu ukushiya udelilie. Uyakwazi ukusebenzi­sa nabanye abaculi futhi uyazikhang­isela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa