Sisakhala ngenkinga yamanzi KwaMteyi
MHLELI: Mhlawumbe kumele ngibonge kinina kuqala njengabahleli eniphinde nishicilele imibono yethu. Ngikusho lokhu ngoba ngake ngabhala nganxusa uNgqongqoshe uNomusa Dube-Ncube ukuthi afakele uMkhandlu uThukela izibuko ngoba akuhambi kahle. Angithukike uma kuthiwa isinqumo usesithathile okusho ukuthi naye ubone njengami wezwa izikhalo zomphakathi.
Ngangishilo ukuthi savalelwa ompompi kwafakwa amathangi yonke into yenziwa angisazi nokuthi kwakuyimuphi unyaka kodwa namanje kuthule amanzi awaphumi. Into edala lokho amaloli amanzi lawa asegcwele uMnambithi nakhona agcwele nje umphakathi aweneliseki wonke bakhetha abantu.
Ngiyazi omunye uzothi bavula amathuba omsebenzi pho ngikhalelani, cha imisebenzi iyadingeka bangasebenza abasebenzayo baye lapho kungakafikwa khona ngezinhlelo zokulethwa kwamanzi. Thina KwaMteyi esikudingayo ukuvulelwa amanzi balungise ompompi laba asebonakele ngoba phela bese kuyinto yokudlala izingane amanzi awekho. Nakhona koMteyi awangenile kuzo zonke izindawo amapayipi ngakho odadewethu nabafowethu bebengawafaka kepha kube kulungiswa eyokuthi zonke izindawo ziyafakelwa ngoba iyaphuma imali yokwenza umsebenzi iphelele kwabanye abantu laphaya oThukela.
Anginandaba-ke mina nokuzondwa nokusatshiswa ngoba iqiniso liyohlezi liyiqiniso. UThukela ludla imali ngamaloli amanzi, kuqashwana ngokuthi ungumzala noma ingane kababekazi njengakwezinye izimboni.
UThukela alusebenzi njengomkhandlu wabantu kepha lusebenza ngobuhlobo yingakho kubolile. Akubhekwa makhono noma abantu abaswele kepha kusutha abantu abangafanele. Mpha Omnyama Shabalala KWAMTEYI EMNAMBITHI Wamnamathela, Osozimali, Amavukane naMagquma Amabili. Uma enza i-albhamu ukushiya udelilie. Uyakwazi ukusebenzisa nabanye abaculi futhi uyazikhangisela