Isolezwe

Izinguquko ezinqala eqenjini iNFP

- MLUNGISI GUMEDE

ZIHLAKAZWE zonke izinhlaka zeNFP kwaqokwa ubuholi obusha besikhasha­na obuholwa nguMengame­li weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi obuzoyisa inhlangano okhethweni lwangonyak­a ozayo.

Lesi sinyathelo simenyezel­we esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo lapho kuphinde kwethulwa khona isigungu esisha esinamalun­gu ayisishiya­galolunye.

Lesi sigungu sinezinhla­ngothi ezimbili ebezingabo­ni ngasolinye nokuholele ekutheni iqembu ligcine lingakwaza­nga ukungenela ukhetho lwango-2016.

Iqembu liphinde lamemezela ukuthi livumelane ngokuthi wonke amacala abesenkant­olo ahoxiswe.

Lifunda isitatimen­de, ilungu lalesi sigungu uNkk Happy Khuzwayo lithe: “Awasekho amacala aqhubekayo, azisekho izinhlango­thi, yize singeke sigxile engqikithi­ni yamacala kodwa siyajabula ukumemezel­a ukuthi zombili izinhlango­thi zivumelene ngokuthi kubunjwe isigungu sesikhasha­na samalungu ayisishiya­galolunye esizoholwa uNkk Magwaza-Msibi,”

Uthe lesi sigungu sijutshwe ukuthi sifake iqembu okhethweni lwangonyak­a ozayo.

Elinye ilungu lalesi sigungu, uMnuz Emam Munzoor, lithe isigungu sabo sizophinde sisebenze kanzima ukwenza isiqinisek­o sokuthi kunobumban­o enhlanganw­eni.

“Lesi sigungu yisona kuphela esinikwe umsebenzi wokubumba nokuvusele­la iqembu futhi asingabazi ukuthi sizowenza ngempumele­lo umsebenzi ngenxa yamava amalungu aso,” kusho uMunzoor.

Uthe zonke izinhlaka zeqembu kusuka phezulu kuyofika phansi emagatshen­i sezizoba nezigungu ezinamalun­gu ayisishiya­galombili, ezifaka amalungu amane avela ezinhlango­thini zombili.

Ebuzwa ukuthi kuzokwenze­kani ngabaholi abasePhala­mende nasesiShay­amthetho, uMunzoor uthe azikho izinguquko ezizoba khona ngoba abantu abasePhala­mende nasesiShay­amthetho bangamalun­gu athembekil­e eqembu.

Uthe iqembu linayo imali yize khona lashayeka ngemuva kokulahlek­elwa ngamakhans­ela angaphezu kuka-200 kulandela ukungalung­eneli ukhetho luka2016.

UNkk Sindi MaphumuloM­ashinini owayefake iqembu enkantolo uthe uzizwa ejabule ngokuthi umdonsiswa­no usuphelile manje wonke umuntu usezoseben­zela ubumbano enhlanganw­eni.

“Ngijabule, manje osekusele wukuthi sisebenze kanzima sivuselele iqembu siphinde sibuyise nethemba kumalungu ethu amanye abese enokudidek­a ngokuthi kuqhubekan­i enhlanganw­eni,” kusho uNkk Maphumulo-Mashinini naye ongenile esigungwin­i sesikhasha­na.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa