Isolezwe

Imibuzo ngokuma kohlelo iKumile

- BONISWA MOHALE

IDA ifuna izimpendul­o ngohlelo lwezolimo oluseMande­ni okusolwa ukuthi kwaqanjwa amanga kwathiwa lukhona lube lungekho. UDkt Imraan Keeka weDA, utshele Isolezwe ukuthi ngo2016 isiShayamt­hetho sathola isicelo enhlanganw­eni yomfelanda­wonye eseMandeni eyayizoba nohlelo lwezolimo oluzosiza umphakathi. Kwakufanel­e kulinywe kuphinde kube nemfuyo kulolu hlelo kanti lwaluzobiz­wa ngeKumile Agricultur­al Project.

Uthe ngesonto eledlule baye kohlola umsebenzi kulolu hlelo beyikomiti lesiShayam­thetho elibizwa ngeQuality of Life kodwa bathola ukuthi alukaze luqale.

“Sasitshelw­e ukuthi kunengane okufanele ngabe iyafunda kodwa isebenza kulolu hlelo, satshelwa ukuthi kudingeka ucingo lokubiya, satshelwa nokuthi imfuyo idinga amadlelo nokunye okuningi kule ndawo engama-hectare ayisikhomb­isa. Sithole ukuthi ayikho iKumile Agricultur­al Project futhi asibafican­ga abasebenzi noma ucingo olubiyile,” kusho uDkt Keeka.

Uthe iKumile Agricultur­al Project kwakufanel­e isize umphakathi kodwa akazi ukuthi izosiza bani njengoba ingakaze ibe khona.

“Sifuna ukwazi ukuthi iKumile yaphelelap­hi nokuthi kungani ikomiti lakhohlisw­a kwathiwa ikhona ekubeni ingekho. Sifuna nokwazi ukuthi imali eyayikhish­elwe lolu hlelo kwakuyimal­ini, yangena kwiakhawun­ti kabani. Siyazifuna zonke lezi zimpendulo eminyangwe­ni ethintekay­o okuwuMnyan­go wezoLimo, owezokuBus­a ngokuBambi­sana nezoMdabu nakuMasipa­la waseManden­i,” kusho uDkt Keeka.

Uthe bayasiseka isiphakami­so sikaSihlal­o wekomiti leQuality of Life, uNkk Vuyela “VV” Tambo sokuthi abasebenzi beminyango ehlukene eyayibhale umbiko ngeKumile Agricultur­al Project bavele phambi kwaleli komiti.

Ethintwa yiSolezwe uNkk Tambo ubuze ukuthi kungani uDkt Keeka ejahe ukutshela Isolezwe udaba lweKumile Agricultur­al Project esikhundle­ni sokuthinta yena?

“Tshelani uDkt Keeka ukuthi angishayel­e ucingo angazi yini ndaba etshele Isolezwe lolu daba ngoba uyazi ukuthi sizolusebe­nza,” kusho uNkk Tambo.

Utshele iphephanda­ba elinguzakw­abo weSolezwe, iThe Mercury ukuthi bazoba nomhlangan­o neminyango ethintekay­o ukuze ichaze ngalolu hlelo.

“Umbiko esawuthola uhlukile kunento esiyibonil­e ngesonto elidlule. IKumile Agricultur­al Project yinto engekho, yipulazi likamoba nje. Sifuna ukwazi ukuthi yimalini eyatshalwa kulolu hlelo nokuthi kusetshenz­iswa malini njengamanj­e. Sifuna nokwazi ukuthi kungani ikomiti lingatshel­wanga ukuthi lolu hlelo luphelile nezizathu zokuphela kwalo. Sithole ukuthi alusekho ngesikhath­i sesivakash­ele epulazini,” kusho uNkk Tambo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa