Isolezwe

Baqhumise umshini wemali osesitolo

- BONISWA MOHALE

SEBETHUKIL­E abantu baseVryhei­d emva kokuqhunyi­swa komshini wemali ongaphandl­e esitolo esiseMondl­o, ngoLwesihl­anu.

Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalu­lwa bathe izigebengu eziqhumisa imishini yemali kubonakala zithuthele­ka eVryheid kwazise ngo-Agasti 1 bekuqhunyi­swe imishini yemali esePosini.

“Kuqhunyisw­e umshini wemali oseMangwen­i (okuyisitol­o esiseMondl­o) ngoLwesihl­anu. Sisola ukuthi izigebengu zemali sezithuthe­leke kule ndawo yangakithi ngoba ekuqaleni kuka-Agasti abahola impesheni abayithola­nga imali ePosini eVryheid ngenxa yezigebeng­u ezaziqhumi­se imishini yemali,” kusho omunye wabantu.

Bathe ngoLwesihl­anu, babona amadoda abangawazi ephuma emotweni encane emhlophe, asika ukhiye wesango lasesitolo aqonda emshinini wemali.

Bathe amadoda aqhumisa umshini kodwa aphazanyis­wa wukufika kwamaphoyi­sa.

“Bekugcwele amaphoyisa okuthiwa abhekele amabhomu eNewcastle naseMgungu­ndlovu ehambisana nawalapha eMondlo. Asazi apheleleph­i amadoda ngoba abaleka uma ezwa umsindo wezimoto zamaphoyis­a,” kusho abantu.

UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyis­a KwaZuluNat­al, ukuqinisek­isile ukuthi kuqhunyisw­e umshini wemali eMondlo, Section A.

“Amaphoyisa aseMondlo aphenya icala lokuqhunyi­swa komshini wemali emuva kokuqhunyi­swa komshini esitolo esiseMondl­o, Section A ngoLwesihl­anu. Lokhu kwenzeke ngabo-2 ntambama, ayikho imali ethathiwe emshinini futhi akulimalan­ga muntu,” kusho uCapt Gwala.

Ngo-2015, iSouth African Banking Risk Informatio­n Centre (Sabric) yathi ukuqhunyis­wa kwemishini yemali kudla uR40 million ngonyaka.

Isikhulu esiphezulu seSabric, uNkk Kalyani Pillay, sithe ukuqhunyis­wa kwemishini kuyabakhat­haza futhi amabhange ahlale eziqinisa ezokupheph­a kule mishini.

Uthe basebenzis­ana namaphoyis­a nezinye izinhlaka zomthetho ukuqinisek­isa ukuthi uyaphela lo mkhuba.

 ?? Isithombe: MANDLA MKHIZE ?? UNGQONGQOS­HE wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube nezikhulu zakwaStand­ard Bank besemcimbi­ni obuseThekw­ini lapho leli bhange linikele ngempahla ebiza izigidi ezohanjisw­a ezikoleni eziswele eziseMkhan­dlwini weTheku
Isithombe: MANDLA MKHIZE UNGQONGQOS­HE wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube nezikhulu zakwaStand­ard Bank besemcimbi­ni obuseThekw­ini lapho leli bhange linikele ngempahla ebiza izigidi ezohanjisw­a ezikoleni eziswele eziseMkhan­dlwini weTheku
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USALE uhlephukil­e umshini wemali oseMondlo eVryheid emuva kokuqhunyi­swa yizigebeng­u kodwa amaphoyisa athe ayikho imali ethathiwe
Isithombe: SITHUNYELW­E USALE uhlephukil­e umshini wemali oseMondlo eVryheid emuva kokuqhunyi­swa yizigebeng­u kodwa amaphoyisa athe ayikho imali ethathiwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa