I-ANC inethemba lokunqoba olokuchibiyela
I-ANC inethemba lokuthi izokwenza kahle okhethweni lokuchibiyela oluzoba ku-ward 20 KwaNongoma ngemuva kokujoyinwa ngamalungu amasha angaphezu kuka-100 avela kwiNFP ne-IFP ngeSonto.
Lawa malungu amasha ajoyine i-ANC amukelwe ngusihlalo wenhlangano KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala.
Engxoxweni neSolezwe uZikalala ubonge lawa malungu amasha ngokukhetha i-ANC.
“Kuyaziwa ukuthi indawo yaKwaNongoma bekuyindawo lapho kade singakwazi ukungena kahle kuyona kodwa siyajabula ukuthi sebeyanda abantu abajoyina uKhongolose khona,” kusho uZikalala.
Uthe abangabazi ukuthi bazokwenza kahle okhethweni lokuchibiyela ngemuva kokwamukela lawa malungu.
“Le ndawo izoba nokhetho lokuchibiyela emuva kokuthi ikhansela le-IFP ligwetshiwe mayelana necala lokweba imfuyo, siyathemba futhi ukuthi ngemuva kokhetho lokuchibiyela i-ward izoba ngeyethu,” kusho uZikalala.
Ikhansela le-IFP, uZamani Sibiya, ligwetshwe iminyaka eyisithupha ngecala lokweba imfuyo.
Isolezwe libike kaningi ngodaba lukaSibiya kubalwa nokuthi uke waholela ubukhansela kodwa esejele.
UMasipala waKwaNongoma kuthiwa usubhalele inhlangano esingethe ukhetho i-IEC uyazisa ngodaba lukaSibiya ukuze kube nokhetho lokuchibiyela.
USomlomo kuMasipala waKwaNongoma, uMnuz Bhekinkosi Zulu, uthe konke kuqondile mayelana nezinhlelo zokhetho lokuchibiyela.
Ebuzwa ukuthi kabanalo yini uvalo ngokuthi i-ANC iyangenisa ku-ward 20 ngemuva kokwamukela amalungu amasha, uZulu uthe i-ANC ayisoze yabafaka amanzi emadolweni KwaNongoma.
Umholi weNFP KwaNongoma nasezingeni likazwelonke, uMnuz Jeremiah Mabundla oke waba yiMeya kuMasipala waKwaNongoma, uthe u-ward 20 uzobuyela kubona ngemuva kokhetho lokuchibiyela.
“Abantu baku-ward 20 bayiNFP futhi bayohlala beyiNFP, i-IFP nayo yayithola i-ward ngoba singalungenelanga ukhetho lwango-2016, manje njengoba sekuvuleke ukhetho lokuchibiyela sizoyibuyisa i-ward yethu,” kusho uMavundla.
Mayelana namalungu abo ajoyine i-ANC, uthe ngabantu abambalwa mhlawumbe okunezinto abanganeme ngazo bakhetha ukuhamba.