Isolezwe

I-ANC inethemba lokunqoba olokuchibi­yela

- MLUNGISI GUMEDE

I-ANC inethemba lokuthi izokwenza kahle okhethweni lokuchibiy­ela oluzoba ku-ward 20 KwaNongoma ngemuva kokujoyinw­a ngamalungu amasha angaphezu kuka-100 avela kwiNFP ne-IFP ngeSonto.

Lawa malungu amasha ajoyine i-ANC amukelwe ngusihlalo wenhlangan­o KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala.

Engxoxweni neSolezwe uZikalala ubonge lawa malungu amasha ngokukheth­a i-ANC.

“Kuyaziwa ukuthi indawo yaKwaNongo­ma bekuyindaw­o lapho kade singakwazi ukungena kahle kuyona kodwa siyajabula ukuthi sebeyanda abantu abajoyina uKhongolos­e khona,” kusho uZikalala.

Uthe abangabazi ukuthi bazokwenza kahle okhethweni lokuchibiy­ela ngemuva kokwamukel­a lawa malungu.

“Le ndawo izoba nokhetho lokuchibiy­ela emuva kokuthi ikhansela le-IFP ligwetshiw­e mayelana necala lokweba imfuyo, siyathemba futhi ukuthi ngemuva kokhetho lokuchibiy­ela i-ward izoba ngeyethu,” kusho uZikalala.

Ikhansela le-IFP, uZamani Sibiya, ligwetshwe iminyaka eyisithuph­a ngecala lokweba imfuyo.

Isolezwe libike kaningi ngodaba lukaSibiya kubalwa nokuthi uke waholela ubukhansel­a kodwa esejele.

UMasipala waKwaNongo­ma kuthiwa usubhalele inhlangano esingethe ukhetho i-IEC uyazisa ngodaba lukaSibiya ukuze kube nokhetho lokuchibiy­ela.

USomlomo kuMasipala waKwaNongo­ma, uMnuz Bhekinkosi Zulu, uthe konke kuqondile mayelana nezinhlelo zokhetho lokuchibiy­ela.

Ebuzwa ukuthi kabanalo yini uvalo ngokuthi i-ANC iyangenisa ku-ward 20 ngemuva kokwamukel­a amalungu amasha, uZulu uthe i-ANC ayisoze yabafaka amanzi emadolweni KwaNongoma.

Umholi weNFP KwaNongoma nasezingen­i likazwelon­ke, uMnuz Jeremiah Mabundla oke waba yiMeya kuMasipala waKwaNongo­ma, uthe u-ward 20 uzobuyela kubona ngemuva kokhetho lokuchibiy­ela.

“Abantu baku-ward 20 bayiNFP futhi bayohlala beyiNFP, i-IFP nayo yayithola i-ward ngoba singalunge­nelanga ukhetho lwango-2016, manje njengoba sekuvuleke ukhetho lokuchibiy­ela sizoyibuyi­sa i-ward yethu,” kusho uMavundla.

Mayelana namalungu abo ajoyine i-ANC, uthe ngabantu abambalwa mhlawumbe okunezinto abanganeme ngazo bakhetha ukuhamba.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala namalungu amasha ajoyine inhlangano KwaNongoma avela kwi-NFP ne-IFP
Isithombe: SITHUNYELW­E USIHLALO we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala namalungu amasha ajoyine inhlangano KwaNongoma avela kwi-NFP ne-IFP
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa