Isolezwe

UDuduzane uzofakaza kwiKhomish­ini kaZondo

- MCEBO MPUNGOSE

UDUDUZANE Zuma, indodana yowayengum­engameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, isivumile ukufakaza kwikhomish­ini ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Izolo abameli bakaDuduza­ne bathe usekulunge­le ukufakaza ukuze kuzokwanda amathuba okuthi bakwazi ukupheka ngemibuzo abanye babantu asebefakaz­ile kule khomishini.

Lokhu kuvele encwadini efundwe u-Adv Paul Pretorius oyingxenye yabameli bekhomishi­ni.

“Uzimisele ukuzofakaz­a phambi kwekhomish­ini ngobufakaz­i obethulwe nguMnuz Mcebisi Jonas. Sicelwe ukuthi sikudalule lokhu kwikhomish­ini,” kusho uPretorius.

USihlalo weKhomishi­ni, uJaji Raymond Zondo, uthe kuhle ukuthi uDuduzane usefuna ukwethula ubufakazi futhi lokhu kuzombeka endaweni efanayo nalabo abafuna ukupheka ngemibuzo abanye babantu asebefakaz­ile kwikhomish­ini.

UJonas owayeyiphi­ni likangqong­qoshe wezinali usola umndeni wakwaGupta ngokuzama ukumgwazel­a ngoR600 million ngo-2016.

UJonas waveza ukuthi uMnuz Ajay Gupta wamtshela ukuthi bahlela ukumenza uNgqongqos­he wezeziMali uma ezosebenzi­sana nabo.

Ngesikhath­i efakaza uJonas, waveza ukuthi kwakukhona nendodana kaZuma emhlanganw­eni ayenawo nabakwaGup­ta.

Kunecala elisenkant­olo ngezinsolo zenkohlaka­lo ezibhekisw­e kuDuduzane okulindele­ke ukuthi lilalelwe ngoJanuwar­i wonyaka ozayo. UDuduzane ungaphandl­e ngebheyili kaR100 000.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa