Isolezwe

Kunxuswa izinkampan­i ukufukula izikole

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxuse izinkampan­i ezizimele ukuba zitshale imali kwezemfund­o.

UNkk Dube-Ncube ubekhuluma emcimbini obuseStand­ard Bank eThekwini ngesikhath­i ekhombisa ngomnikelo wezigidi wempahla okubalwa kuyo ifenisha nomfaniswa­no wabafundi okuzohanji­swa ezikoleni ezintulayo ngaphansi koMkhandlu weTheku.

Uthe uhlelo luka-Operation Sukuma Sakhe luyaqhubek­a nokuthela izithelo ezinhle.

“Uhulumeni uyazidinga izimboni ezizimele ukuba zifake isandla emikhankas­weni yakhe,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe kukhulu asebekuzuz­ile ukuzama ukulungisa amaphutha enzeka ngesikhath­i sengcindez­elo.

“Umonakalo owenziwa imigomo yobandlulu­lo udinga ukuthi sonke sifake isandla, izinkampan­i ezizimele akumele zibe yizibukeli kodwa nazo kumele zibambe iqhaza ekulekelel­eni ngezinsiza ezidingeka­yo, sijabula kakhulu ngalokhu okwenziwa iStandard Bank, siyakholwa futhi ukuthi lokhu abakwenzay­o kuzokwenza nezinye izinkampan­i zisike iphethini,” kusho uNkk DubeNcube.

Uthe ezikoleni eziningi othisha nabafundi basasebenz­isa izinsiza ezingagcul­isi okudala ukuthi othisha abaningi bagcine bengafuni ukufundisa kulezo zikole bancamele ukuya emadolobhe­ni.

“Sifuna ukwenza izikole ezisemakha­ya nasemaloki­shini zikhange, sisemkhank­asweni wokubuyisa isithunzi sezingane nothisha ezikoleni ezingenazo izinsiza,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe abantu kumele bakhumbule ukuthi akumele kuyekelwe kuMnyango wezeMfundo ukuthi uxazulule izinkinga ezikoleni.

“Kuwumseben­zi wethu sonke ukuqinisek­isa ukuthi izingane zethu zithola imfundo ekahle ngokwenza isiqinisek­o sokuthi izinsiza nengqalasi­zinda ezikoleni kukhona,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa