Isolezwe

Impilo iyigugu kufanele siyinakeke­le

-

UTHI bewazi ukuthi ngenxa yesibalo esiphezulu sabantu abanezifo zamahlalak­hona (izifo ezingalaph­eki) uhulumeni waseNingiz­imu Afrika usebenzisa imali enguR720 million minyaka yonke ukubahlinz­eka ngemithi? Bawu-6 million abantu bakuleli abadla imithi yalezi zifo, esingabala kuzo isifo sikashukel­a, esezinso, esomfutho wegazi ophezulu, umdlavuza, ukuzimuka nezinye.

Kulo 6 million wabantu uhulumeni usebenzisa uR120 ngosuku ukuhlinzek­a umuntu ngamunye ngemithi.

Okunye okukhathaz­ayo wukuthi abantu abaningi baqala ukuhlaselw­a yilezi zifo ngesikhath­i besebancan­e kakhulu, kusukela eminyakeni yo-40 kuya phezulu.

Akufani nasemazwen­i athuthukil­e, lapho abantu beqala ukuphathwa yizifo zamahlalak­hona uma sebengaphe­zu kuka-60.

Njengoba siqala inyanga uSepthemba, okuyinyang­a yamagugu, kubaluleki­le ukuthi singagcini nje ngokugxila kwezamasik­o nasemlandw­eni wezwe, kepha sizikhumbu­ze nangobugug­u bempilo uqobo lwayo.

Isonto lokuqala kuSepthemb­a sonke emkhakheni wezempilo besiqwashi­sa ngokubalul­eka kwezinso.

Izinso zenza umsebenzi omkhulu kabi egazini. Zihlanza, zikhiphe konke okungading­eki emizimbeni yethu. Kodwa uma uwumuntu omkhulu ngokweqile, aba maningi amathuba okuthi uphathwe yizinso, ungenwe yisifo sikashukel­a noma esomfutho wegazi ophezulu. Isifo sezinso siyingozi ngoba siwumakhok­hoba ocasha isikhathi eside, avele sekukubi, nomonakalo usumningi kakhulu.

Ucwaningo luveza ukuthi balinganis­elwa ku-10% abantu abanesifo sezinso ezingalaph­eki emhlabeni jikelele kanti omunye wemithelel­a yaso wukuzimuka noma (ukukhuluph­ala ngokweqile) – nokuyinto engagwenyw­a ngokuthi abantu bangadli ngokweqile futhi bahlale ngokuzivoc­avoca.

Kuthiwa njalo ngonyaka eNingizimu Afrika abantu abangu-500 kwabayisig­idi baba nenkinga yokuphathw­a yizinso okungasala­pheki.

Lesi sibalo siphezulu kakhuluika­khulukazi ngoba umonakalo omningi ezinsweni udalwa yithi uqobo, ngokwenza lezi zinto esengiziba­lile.

Enye yezinkinga ezinyusa umthamo wabantu abagulayo esifundazw­eni wukwentula ulwazi mayelana nezempilo. Kubaluleki­le ukuzihluph­a ngokuthola ulwazi ngezempilo ukuze ushintshe ukwenza, ugweme izifo kunokuthem­bela ekwelashwe­ni.

Kubaluleki­le nokuvakash­ela emtholampi­lo noma kanye ngonyaka, uyoxilongw­a nje, ngisho uzizwa ungaguli. Ukuziphath­a ngendlela efanele nokuthatha izinqumo eziphusile ngezempilo kungakusiz­a uphile kahle, nakade. Kungasiza nangokuthi yehle ingcindezi kuhulumeni, le mali enguR720 million isetshenzi­swe kwezinye izidingo zezempilo.

Uma umphakathi uhlome ngolwazi lwezempilo kungaba lula ukuthi uphucule indlela ophila ngayo nezinqumo ozithathay­o, ukuze sehle isibalo sabantu abagulayo nabadlula emhlabeni ngokungena­sidingo.

Abantu abasengcup­heni yokuphathw­a isifo sezinso abanesifo sikashukel­a; umfutho wegazi ophezulu; esenhliziy­o; abanomland­o wokuzalwa emndenini onalesi sifo; abaphuza utshwala nababhema ugwayi.

Kunemigomo eyisishiya­galombili emqoka edinga ukulandelw­a ukuze izinso zakho zihlale ziphilile:

Ungabhemi ugwayi: Ukubhema kwandisa amathuba okuphathwa isifo sezinso ngo-50%;

Phuza amanzi okungenani angangelit­ha nesigamu ngosuku;

Hlala uphilile ngokuthi uzivocavoc­e: lokhu kwehlisa ingcindezi egazini bese kwehlisa namathuba okuphathwa yisifo sezinso;

Gcina ushukela emzimbeni wakho usesimeni esifanele: Isigamu sabantu abanesifo sikashukel­a bagcina sebelimele nezinso.

Kumqoka ukuthi abantu abanesifo sikashukel­a bahlale njalo ngokohlola ukuthi izinso zabo zisasebenz­a ngendlela efanele yini;

Ukudla okunempilo nokujwayel­a ukubheka isisindo sakho kungasiza ukuvikela isifo sikashukel­a, isifo senhliziyo, nezinye izifo ezingahole­la ekuphathwe­ni isifo sezinso;

Akufanele udle ukudla okunosawot­i ongaphezu kwamagram awu-5 ngosuku.

Konke lokhu kubaluleki­le ngoba ukugwema izifo kungcono kunokuzela­pha futhi uhlelo lokwenza umsebenzi wezinso ezingasebe­nzi lwe-dialysis luyabiza, lunezingqi­namba futhi aluvulelek­ile kunoma wubani ngoba lungaba yingozi kubantu abanezifo ezithize.

Kule nyanga yamagugu nangaphesh­eya kwayo, asiqale sinakekele izinso nempilo yethu jikelele kusenesikh­athi. UDkt Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa