Isolezwe

‘IPirates ayimvikela­nga ngokwanele uGabuza’

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OMUNYE wabadlali bakudala abanomland­o obambekayo kwi-Orlando Pirates, uTeboho “Tebza Ngwana” Moloi, uwukhombe kwiziphath­imandla zeqembu umunwe ngesikhath­i ephawula ngokuhluth­uka kukaThamsa­nqa Gabuza okusanda kwenzeka.

UGabuza usanda kukhumula ijezi walijikije­la ezibukelin­i ngaphambi kokuphuma enkundleni umdlalo ungakaphel­i.

Isenzo sakhe, asenze bebhekene neBlack Leopards kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, sigxekwe kakhulu, bebodwa abebemsola ngokuzipha­thisa okwengane abanye bethi akwenzile kuwubuwula.

Nosihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, uphawulile ngalokhu emsakazwen­i ngeledlule naye egxeka isenzo sikaGabuza ofike kwiPirates esuka kwiLamontv­ille Golden Arrows.

Yize uGabuza egxekwe ngisho nawuKhoza kodwa uMoloi, odlale kwiPirates imidlalo ewu159 washaya amagoli awu-33, uthe yiqembu lakhe lakudala (iPirates) elingazang­e limvikele ngokwanele uGabuza. Ngokusho kukaMoloi ukudlalela iPirates akuyona into elula ngoba iyiqembu elijwayele ukunqoba.

“Abalandeli bePirates bajwayele ukuwina hhayi okunye. Kusemqoka ukuthi sihlale njalo sikukhumbu­la ukuthi abalandeli banezwi ngokwenzek­a enkundleni ngoba kuthinta imali yabo abasuke bezisebenz­ele yona. Akufanele kwethuse uma abalandeli bezwakalis­a ilaka labo ngokuthile kodwa futhi kungumsebe­nzi wePirates ukucija umqondo kaGabuza ngoba ukuhhewulw­a kwakhe akuyona into entsha,” kusho uMoloi. Uqhube ngokubiza uGabuza ngenkunzi yomgadli. Lokhu kusanda kushiwo nawomunye wabadlali ababa nesandla empumelelw­eni yeminyaka yePirates, u-Ephraim “Jomo” Sono.

“Yinkunzi uGabuza uma uqonda ukuthi yini asuke eyifakelwe enkundleni. Ukumdlalis­a kwePirates uGabuza kusukela kuqalile lokhu kuhhewulwa kwakhe kuyizinkom­ba zokuthi bayakholel­wa kwakwenzay­o. Nakuba kunjalo kodwa akwanele. Engakubona kwangishiy­a nginesilon­da enhlizweni yami ngoba ngimkhonzi­le uGabuza kanti nabalandel­i bePirates ngabantu abamqoka ngendlela eyisimanga kimina. Kufanele isukunyelw­e indaba kaGabuza kodwa okuyibona abazokwazi ukumsiza yiziphathi­mandla zeqembu,” kubeka uMoloi.

Ngesikhath­i ekhuluma ngoGabuza emsakanzwe­ni uKhoza uthe kuzothatha isikhathi ukuthi ilunge indaba kaGabuza kodwa iqembu lizokwenza ngakho konke okusemandl­eni ukumeseka lapho edinga khona.

NgoMgqibel­o iPirates izobhekana neSuperSpo­rt United emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium ngo8.15 ebusuku. Akwaziwa noma uzodlala yini uGabuza.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ngesikhath­i bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni weMTN 8. La maqembu azophinde atholane phezulu koweligi ngoMgqibel­o ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHAMSANQA Gabuza we-Orlando Pirates ngesikhath­i bebhekene neSuperSpo­rt United emdlalweni weMTN 8. La maqembu azophinde atholane phezulu koweligi ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa