Isolezwe

USbahle Mpisane uvuke wafisela abazali okuhle

- NOKUBONGWA PHENYANE

INDODAKAZI yezimpunye­la zaseThekwi­ni ebeyibangw­a nezibi esibhedlel­a emuva kwengozi enyantisa igazi, izolo ivuke embhedeni yaphawula ngomshado wabazali bayo. Abazali bakaSbahle Mpisane uShauwn noSbu izolo bebebungaz­a usuku abashada ngalo eminyakeni eyedlule.

“Sanibonani nonke, namhlanje (esho izolo), sigubha usuku lapho abazali bami babopha khona ifindo likasofa silahlane futhi sijabule kakhulu. Okunye ukuthi angiphilil­e ngalo lolu suku. Ngiyabonga kubantu abasondele­ne nami nakubantu abangithan­dayo emphakathi­ni ngokungifi­sela ukululama, ngizizwa ngingcono, nezipho eningileth­ele zona nazo ngiyazibon­ga kakhulu,” kusho uSbahle.

Le ntokazi ifisela abazali bayo nje, kuke kwaba nezindaba ezike zavela emaphephen­i ahlukene zokuthi abasahlali ndawonye emzini wabo oseLa Lucia, eThekwini.

USbahle, izolo uvele okokuqala emphakathi­ni ngemuva kwengozi eyenzeka emgwaqweni uMagret Mncadi, eThekwini. Umfowabo kaSbahle, u-Andile ufake inkulumo eqoshwe uSbahle efisela abazali bakhe okuhle kodwa njengoba bekuwusuku abashada ngalo. Uqhube wathi wonke umuntu omkhombise uthando

naye uyamthanda.

“Ngiyabonga futhi ngiyawutha­nda umndeni wami wonke nokungilet­hela izipho usuku nosuku unginakeke­la. Ngiyaqhube­ka futhi nokuthi ngiyabonga, ngibonga angiphezi.”

Iningi lijabulile ezinkundle­ni ngokubona le ntokazi izikhulume­la ibonga uNkulunkul­u ngokumnika elinye ithuba empilweni.

NgoMsombul­uko Isolezwe likhulume noyise kaSbahle uSbu Mpisane othe indodakazi yakhe ayisekho esimeni esibucayi. Ubonge uMdali ngokuyisin­disa njengoba ehlale amasonto ambalwa egunjini labagula kakhulu iphefumula ngemishini.

 ??  ?? KUJABULE iningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kubonakala uSbahle Mpisane okhulume okokuqala selokhu avelelwa ingozi yemoto. Umfowabo u-Andile ufake i-video uSbahle ebekhuluma
KUJABULE iningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a kubonakala uSbahle Mpisane okhulume okokuqala selokhu avelelwa ingozi yemoto. Umfowabo u-Andile ufake i-video uSbahle ebekhuluma
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa