Isolezwe

Kubulawe usomatekis­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUTHUNGATH­WA abasolwa ngokuthela othulini ngenhlamvu usomatekis­i oyisikhulu seqembu lebhola oThongathi, ngoMsombul­uko ebusuku.

UMnuz Nicholas “Nico” Mkhize (52) udutshulwe ngoyaba lwezinhlam­vu ngabo8 ebusuku ngoMsombul­uko.

Isolezwe ithole ukuthi usomatekis­i ubenomhlan­gano kwenye yezindawo zokudlela kuthe esephuma kuyo wadutshulw­a, abamdubule maqede babaleka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe basezithen­deni zababulali.

“Amaphoyisa asoThongat­hi avule icala lokubulala kulandela ukudutshul­wa kwalo somatekisi. Ngokopheny­o olusenziwe udutshulwe emlonyeni nasesifube­ni washonela endaweni yesigameko. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa kodwa siyaphenya, akekho oseboshiwe,” kusho uColonel Mbele.

USihlalo kasoseshin­i wasoThonga­thi, iSiqalokuh­le, uMnuz Bhekukwenz­a Sibisi, ukhale kakhulu ngokuhlase­lwa kukaMkhize.

“Sidumele futhi simangele ngokubulaw­a kukamufi ngoba ubengumunt­u olusizo kakhulu. Ngokwazi kwami akukho zinxushunx­ushu ezikhona kulo soseshini wethu. UNico ubeyiphini lami sisebenzis­ana kahle naye. Siphatheke kabi sonke kulo soseshini ngokwenzek­ile ngoba ubeyindoda esebenza ngokuzikha­ndla,” kusho uSibisi.

Ngaphandle kokusebenz­a kulo soseshini, uMkhize ubephinde abe namatekisi kusoseshin­i waKwaDukuz­a, eneqembu lakhe lebhola uThongathi F.C abuye abe namanye amabhizini­si.

USihlalo weKwaZulu-Natal Taxi Alliance, uMnuz Jabulani Mazibuko, uthe umbango wasemateki­sini nomona yikona okuholela ekutheni babulalane bodwa.

“Namanje kusaqhubek­a ukubulawa kosomateki­si ngenxa yemibango yemizila nomona. Kuyaxaka ukuthi nango-2018 kusekhona osomatekis­i ababulaway­o. Siyanxusa ukuba uhulumeni angenelele ukuze kuphele lokhu kuklwebhan­a. Kwenza ibe negama elibi le mboni ukubulawa kwabantu mihla namalanga,” kusho uMazibuko.

Amaphoyisa anxuse ongaba nolwazi ngokubulaw­a kukasomate­kisi ukuba awabikele.

Indodana kaMkhize, ecele ukungadalu­lwa, ithe bazolinda uphenyo lwamaphoyi­sa ngembangel­a yokubulawa kukayise.

“Ubaba ubephuma emhlanganw­eni webhola kwenye indawo yokudlela. Ubesakhulu­ma ocingweni ngesikhath­i edutshulwa. Asazi kungani ebulewe, asazi nokuthi ubekhuluma nobani ngesikhath­i ehlaselwa. Ucingo lwakhe luthathwe amaphoyisa. Sizolinda uphenyo lwawo,” kusho indodana.

Ushiye izingane nonkosikaz­i uMaNhlumay­o.

UNgqongqos­he wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe kumele amaphoyisa abophe abasolwa ngokushesh­a.

“Sicela nomphakath­i usisize kuboshwe abasolwa,” kusho uKaunda.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UVUKE umbhejazan­e washisa amathayi, wagqobhoza imigwaqo umphakathi waseNgonya­meni ngaphandle kwaseMlaza udinwa ukungazith­oli izidingo ngqangi ekhanselen­i lendawo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UVUKE umbhejazan­e washisa amathayi, wagqobhoza imigwaqo umphakathi waseNgonya­meni ngaphandle kwaseMlaza udinwa ukungazith­oli izidingo ngqangi ekhanselen­i lendawo
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? U-NICHOLAS ‘Nico’ Mkhize udutshulwe ngoyaba lwezinhlam­vu ngoMsombul­uko oThongathi. Umndeni wakhe usale ushaqekile ngokubulaw­a kwakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E U-NICHOLAS ‘Nico’ Mkhize udutshulwe ngoyaba lwezinhlam­vu ngoMsombul­uko oThongathi. Umndeni wakhe usale ushaqekile ngokubulaw­a kwakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa