Isolezwe

Kume izivivinyo kubhikisha umphakathi

- PHILI MJOLI

KUPHAZAMIS­EKE ukubhalwa kwezivivin­yo ezikoleni zamabanga aphezulu ezintathu, eNgonyamen­i umphakathi uvale imigwaqo ngamathayi avuthayo ufuna intuthuko.

Abafundi baseSikhwa­ma, iNwabi, naseMhawu High abazange babhale iGeography iphepha lokuqala neBusiness Studies, izolo , umphakathi uvale imigwaqo engenela kulezi zikole ngamatshe, izingodo namathayi avuthayo, ufuna amanzi, izindlu nemigwaqo yetiyela.

NgoMsombul­uo abafundi bakhishwe ezikoleni kuthiwa abajoyine imashi ephethe ngokuthi kushiswe inkantolo yesizwe, iVumengazi Tribala Court.

UNksz Zinhle Ngcobo uthe sebekhathe­le ukukha amanzi ngezigubhu ekubeni benompompi abangaphum­i amanzi. “La manzi akhetha amabala, ngasemzini walo ikhansela eMadundube ayaphuma.”Ikhansela lendawo uMnuz Mbuyiseni Mkhize lithe inkinga yamanzi idalwa ukuthi ompompi bafakwa engekho amadamu okugcina amanzi. Lithe iwadi yakhe amanzi iwathola emadamini amabili, ingxenye engaseMadu­ndube iphakelwa yiStone yona ayinanking­a, enye ingxenye enenkinga yafakelwa amanzi engekho amadamu enele okugcina amanzi.

“Lolu daba siyalulung­isa, njengamanj­e likhona idamu elakhiwe seliyabiyw­a. Umphakathi ngiwubizil­e ngawuchaze­la ngalokhu ngeledlule. Ngiphinde ngawazisa ukuthi sizofaka amathangi awojojo, okuzofakwa kuwo amanzi ukuze wonke umuntu awathole amanzi kusalindwe ukuthi kulungiswe amapayipi onakele ngenxa yokuthi amanzi abengekho. Umphakathi wakuvuma lokho kodwa inkontilek­a eyayifaka ojojo yashaywa.”Uthe kulowo mhlangano wawubikela umphakathi ukuthi uhlelo lwezindlu zakule ndawo seluphasis­iwe, luzoqala maduze, ngezindlu eziwu-500. Ngasohlang­othini lomgwaqo uthe ulungiswa umnyango kodwa wakhuluma nawo, uD1031, uD1071 uyalungisw­a, inkontilek­a isekhona ithela inkwali kuD2431, wathi le migwaqo ifakwa inkwali wawuchaza ukuthi okwamanje ngeke ufakelwe itiyela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe kuyadumaza ukuthi umphakathi uma unesikhalo ngentuthuk­o uvimbele abafundi ukubhala.

UMnuz Mandla Nsele okhulumela umasipala uthe kukhishwe izithunywa zikamasipa­la ukuthi ziyohlanga­na nomphakath­i, uzophendul­a uma sebethole umbiko ophelele ngalolu daba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa