Isolezwe

Ibheyili kwabenkohl­akalo yamathenda kaR1.3 million

- LUNGI LANGA

SIVELE enkantolo isikhulu sikaMasipa­la waseHarry Gwala nabanye esasiseben­za nabo abasolwa ngenkohlak­alo yamathenda mbumbulu kaR1.3 million.

Kusolwa ukuthi uNkk Vuyokazi Mfeqa, oyisikhulu sezimali kuMasipala waseHarry Gwala nayesebenz­a nabo, bakhokhela izinkampan­i imali yomsebenzi ongazange wenziwe nowawungek­ho.

Yena nasolwa nabo asebasula kumasipala, uNkk Anthea Adams, Mnuz Raymond Hadebe, Mnuz Dumisani Mzolo nomunye (ongadalulw­anga) bavele enkantolo yamacala athinta imali eThekwini izolo.

Umshushisi kuleli cala, uMnuz Mlungisi Magwanyana, utshele inkantolo ukuthi abasolwa basungula imisebenzi engekho bamema izinkampan­i zabantu ababazana nabo ukuthi zizofaka ama-invoice ukuze kube sengathi kukhona imisebenzi eziyenzile. Lokhu kwenziwa kusuka ngoDisemba 2016 kuya kuFebhuwar­i nyakenye.“Lokhu kwaholela ekutheni umasipala ulahlekelw­e nguR1.3 million,” kusho uMagwanyan­a.

Umyeni kaNkk Adams uboshelwe ukwamukela imali ngendlela engafanele. Imantshi, uNkk Judy Naidoo, abanye abasolwa ibanike ibheyili kaR5 000 abanye banikwa ekaR3 000 noR2 000. Icala lihlehlise­lwe uNovemba 9 nonyaka.

Okhulumela oKlebe, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe banabo ubufakazi obuqinisa icala labo. Uthe akusho lutho ukuthola kwabasolwa ibheyili ngoba kuyilungel­o labo. Uthe banamanye amacala ababamatan­isa nawo athinta inkohlakal­o kuwona umasipala.

Okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uMnuz Ndabezitha Tenza, uthe abahambisa­ni nenkohlaka­lo kodwa bazolinda umthetho usebenze.

UTenza uthe ngumasipal­a owaqala uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo wase uludlulise­la emaphoyise­ni udaba lwagcina lufinyelel­e koKlebe. Uthe abanye abasolwa basula sekuvele izinsolo kwasala oyedwa.

Okhulumela i-ANC eHarry Gwala, uMnuz Thabiso Zulu, uthe bazokwenza konke ukusiza abomthetho ukulwa nenkohlaka­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa