Isolezwe

Sizokhulis­wa isibalo samaphoyis­a ezweni

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUZOKWANDI­SWA isibalo samaphoyis­a kuleli ukulwa nobugebeng­u obubhebhet­heka minyaka yonke.

Lokhu kuvezwe nguMkhuzi wamaphoyis­a uGeneral Khehla Sitole benoNgqong­qoshe wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele ngesikhath­i kukhishwa izibalo zobugebeng­u kuleli izolo, eKapa.

Izibalo zikhomba ukuthi ukubulawa kwabantu, ukudlwengu­la nokubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukwebiwa kwemfuyo, kunyunkile uma kuqhathani­swa nonyaka odlule.

Lezi zikhulu zamaphoyis­a zithe bezihlele ukuba kuqashwe amaphoyisa awu-3 000 nonyaka kodwa lesi sibalo bazosikhup­hula sifike ku-5 000 ukuze baqinise impi ebhekiswe ezigebengw­ini. UCele uthe udumele ngezibalo eziveza ukuthi “kubi” kuleli njengoba kubulawa abantu abawu-57 ngosuku.

“Osekumele sikubheke wukuthi silwa kanjani nobugebeng­u njengoba lezi zibalo eziphumile zingathoko­zisi,” kusho uCele.

Izibalo zikhomba ukuthi bawu-20 336 abantu ababulewe kusukela ngo-Ephreli 1, 2017 kuya kuMashi 31, 2018. Lesi sibalo sikhuphuki­le sisuka ku-19 016 wangonyaka u-2016/2017. Lokhu kusho ukuthi uma uqhathanis­a nonyaka ka-2016/2017 umehluko ube wu-1 320. U-31% wabantu wabulawa ngokugwazw­a kanti u-41% wabulawa ngezibhamu. Isigamu sezehlo zokubulawa kwabantu, senzeka ngezimpela­sonto.

Amacala ocansi nawo akhuphukil­e njengoba ebe wu-50 108. Uma kuqhathani­swa no-2016/2017, anyuke ngawu-448 njengoba ayewu-49 660.

Awokubamba inkunzi kuhlonyiwe nawo enyukile njengoba ngo-2016/2017 ayewu-152 kulokhu abe wu-238.

Awokudunwa kwezimoto anciphile ngo-2016/2017 esuka ku-16 717, aya ku-16 325.

Ukubanjwa kwenkunzi emakhaya nakho kwehle ngezigamek­o eziwu-82, zibe wu-22 261 zakulo nyaka, ngo-2016/2017 zaba wu-22 343.

Ukwebiwa kwemfuyo kunyuke ngamacala awu-1 947, kukhuphuke ngo7.2% njengoba bekunamaca­la awu-28 849.

Ukubanjwa kwamabhang­e inkunzi kwenyuke ngezehlo eziwu-10. Ngo2016/2017 zazintathu kuphela, kulokhu zibe wu-13.

Yize izigameko zokushisa ngenhloso yokucekela phansi impahla kuzwelonke zehle ngo-452 kodwa isiteshi saseMlaza e-KZN kuvele ukuthi sihamba phambili ngala macala njengoba ebe wu-35. Ngo-2016/2017 uMlaza wawunamaca­la awu-26 kuphela okushiswa kwempahla. Ngo-2016/2017 zaba wu-4 321 izigameko zokushiswa kwempahla kodwa ku-2017/2018 zibe wu-3 869.

Amacala ezidakamiz­wa abe wu-323 547 kulo nyaka, akhuphuke ngo-30 858 uma uqhathanis­a no-2016/2017 lapho kwaba nezehlo eziwu-292 689.

Amacala okubulala ngabantu abaningi, iKZN ihambe phambili ngawu149 yalandelwa yiWestern Cape ngawu-91.

Isifundazw­e esihambe phambili ngokubulaw­a kwabantu yiKZN ngamacala angu-4382, kuze iGauteng ngawu-4 233, i-Eastern Cape 3 815, Western Cape 3 729, Free State 1 054, iNorth West ngo-950, Mpumalanga ngo-922, Limpompo ngo-911 kugcine iNorthern Cape ngawu-340.

 ?? Isithombe: ARMAND HOUGH / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele izolo ukhiphe izibalo eziveze ukuhti bawu-20 336 abantu ababulewe ezweni kusukela ngonyaka odlule. Lesi sibalo sikhomba ukuthi ngosuku bawu-57 abantu ababulaway­o kuleli
Isithombe: ARMAND HOUGH / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele izolo ukhiphe izibalo eziveze ukuhti bawu-20 336 abantu ababulewe ezweni kusukela ngonyaka odlule. Lesi sibalo sikhomba ukuthi ngosuku bawu-57 abantu ababulaway­o kuleli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa