Isolezwe

‘Kuyakhatha­za ukuzwa ngokubulaw­a kwabantu’

- MLUNGISI GUMEDE

I-IFP ithi ukwenyuka kwesibalo sokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika kwenza ukuthi kube nesidingo sokuthi kuqhubeke inkulumomp­ikiswano mayelana nokubuyisw­a kwesigwebo sentambo.

USotswebhu we-IFP ePhalamend­e, uMnuz Narend Singh, uthe kuyakhatha­za ukuzwa uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, etshela iPhalamend­e ukuthi isibalo sokubulawa kwabantu siphezulu wena owabona lapho ibibambene khona.

“Kuthiwa bawu-57 abantu ababulawa njalo ngosuku, 391 ngesonto, 1 564 ngenyanga no-20 336 obulawa ngonyaka. Kulezi zibalo abawu-3 915 ngabantu besifazane nezingane,” kusho uSingh.

Uthe izinga eliphezulu lokubulala lenza bazibuze imibuzo ukuthi amasu nezinhlaka ezisetshen­ziswayo ngabe ziyakwazi yini ukunqanda ubugebengu.

Obhekele izindaba zamaphoyis­a kwiDA ePhalamend­e, uMnuz Zakhele Mbhele, uthe izibalo zobugebeng­u zikhombisa ngokusobal­a ukuthi uhulumeni we-ANC uyahluleka ukuvikela izakhamuzi zezwe.

“Ukuthi uhulumeni we-ANC usebenzisa R9.1 million uvikela ongqongqos­he kodwa usebenzise uR1 500 ukuvikela isakhamuzi esisodwa kukhombisa ukuthi awubakhath­alele abantu,” kusho uMbhele.

Ilungu lePhalamen­de leNFP, uMnuz Emam Munzoor, uthe izibalo zobugebeng­u eziphumile zikhombisa ukuthi izwe selilawulw­a yizigebeng­u.

“Lezi zibalo zikhombisa ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika basemseni wezigebegu okuyizo esezilawul­a imigwaqo, amakhaya nawo wonke amakhona ezwe,” kusho uMunzoor.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa