Isolezwe

Usalila ngendodaka­zi ‘eyabulawa yisoka layo’

- NONTUTHUKO NGUBANE

ISAQAQAMBA inhliziyo yomzali okwabulawa indodakazi yakhe nomzukulu yisoka maqede wabagqiba ethuneni elingashon­i ngasoThong­athi ngoJanuwar­i nonyaka.

Izolo, njengoba kukhishwe izibalo zobugebeng­u kuleli, kuvele ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngezibalo zokubulawa kwabesifaz­ane nezingane.

Bangu-665 abesifazan­e ababulewe eKZN, kube izingane zamantomba­zane ezingu-91 nezingane zabafana ezingu-130. Bebonke bangu-886 ababulewe kusukela ngo- 1 Ephreli 2017 kuze kube uMashi 31, 2018. Sekuhlanga­niswe zonke izifundazw­e abesifazan­e nezingane ababulewe bangu-3 915.

Kulezi zibalo kukhona nendodakaz­i kaMnuz Musa Ntuli, uNksz Nelisiwe Ntuli (24) owabulawa nengane yakhe uNolwazi (8). Kuleli cala kusolwa isoka lalo wesifazane uMnuz Bongani Gumede (29) okumanje uhamba icala.

UNtuli uthe zonke izinsuku uyacabanga ukuthi indodakazi yakhe ukube iyaphila ngabe basaphila kahle. “Kubuhlungu ukuzwa ukuthi baningi abesifazan­e ababulawa lapha eKZN, kubalwe nengane yami lapho. Kusenzima ukuqhubeka nempilo ngoba le ngane iyona ebisondla. Kubuhlungu kakhulu ukuthi abesifazan­e nezingane baseKZN yibona ababulawa kakhulu kunezinye izifundazw­e kuleli ikakhuluka­zi lapha e-KZN.”

Ngawo uJanuwari nonyaka eSidakeni eMandeni uNksz Ziphi “Zoe” Buthelezi (49) nendodana yakhe uMthunzi (19) babulawa bagqitshwa emgodini osegcekeni lesihlobo sabo esaboshwa sagwetshwa ngaleli cala. Nabo babalwa kulaba ababulewe besifazane nezingane kusukela ngonyaka odlule.

Isishoshov­u samalungel­o ezingane nabesifaza­ne uNkk Joan van Niekerk izolo utshele Isolezwe ukuthi kumele kuqhamukwe nezindlela zokuvikela abesifazan­e ezizoseben­za.

“Kuyathusa kakhulu ukuthi abesifazan­e baseKZN basabulawa kangaka. Kuyacaca ukuthi lokhu kumele kusukunyel­we phezulu, kumele siqhamuke nezindlela ezizoseben­za zokuvikela izingane zethu nabesifaza­ne. Uma ubheka nje uhlelo lwamaphoyi­sa lokuvikela abesifazan­e abasuke behlukumez­ekile alusebenzi ngoba bashona benazo izincwadi ezibavikel­a kwabasuke bebahlukum­eza ukuba bengasonde­li,” kusho uNkk Van Niekerk.

UDkt Rishigen Viranna okhulumela iDA ophikweni lokuphepha komphakath­i eKZN uthe lezi zibalo zikhombisa isimo esithusayo ngalesi sifundazwe okubonakal­a siyisizind­a sokubulawa kwabantu futhi esinesibal­o esiphezulu sokubulawa kwezingane nabesifaza­ne kuleli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa