Isolezwe

UMlaza ezindaweni eziphambil­i ngawokubul­ala

- MLUNGISI GUMEDE

ILOKISHI uMlaza libalwa njengendaw­o yesibili kwezihamba phambili ezweni lonke emacaleni okubulawa kwabantu.

Leli lokishi, elikhulu kunawo wonke KwaZulu-Natal, lilandela ilokishi iNyanga eCape Town ezihola phambili ngokubulaw­a kwabantu.

Ziyisithup­ha izindawo zaKwaZuluN­atal ezingene kwezingu-30 ezweni eziphezulu ngamacala okubulala okunguMlaz­a, Nanda, KwaMashu, Plessislea­r eMgungundl­ovu, Mariannhil­l neMpumalan­ga eHammarsda­le. INanda iphambili ezweni lonke emacaleni okudlwengu­la ilandelwe uMlaza.

Lezi zindawo zombili ziyabalwa futhi kweziphamb­ili nakwamanye amacala obugebengu afana nokushaya nokubamba inkunzi.

Umcwaningi esikhungwe­ni i-Institute for Security Studies, uNksz Diketso Mufumadi, uthe umbiko mayelana nokwenyuka kwezibalo zokubulala ezweni lonke uyiqiniso wathi kodwa bashaya amakhala ngezibalo zamacala okushaya nokudunwa kwezimoto.

“Akusilo iqiniso ukuthi behlile ubugebengu obufana nokushaya nokudunwa kwezimoto ikakhuluka­zi ukushaya ngoba kuhlale kubikwa ngamacala okuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane yilabo abasondele­ne nabo,” kusho uNksz Mufumadi.

Uthe ugxile ocwaningwe­ni olubheka ukuthi lunganqand­wa kanjani udlame.

“Ukuze sithole ikhambi lokulwa nobugebeng­u kumele sibheke ukuthi budalwa yini. Ngokocwani­ngo, ubugebengu budalwa yizinga eliphezulu lokuntulek­a kwemiseben­zi nobubha,” kusho uNksz Mufumadi. Uthe enye inkinga wukuthi iNingizimu Afrika yizwe elinodlame.

“Ngokocwani­ngo lwethu u-99% wezingane, kusukela kwezelwe kuya kweneminya­ka engu-18, sezike zadlula ezigamekwe­ni zodlame okungaba olwenzeka emindenini yazo. Lezo zingane zikhula zinodlame,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa