Isolezwe

Luyacotha olokubulaw­a kosopoliti­ki

- MLUNGISI GUMEDE

UKHOMISHAN­A wamaphoyis­a kuzwelonke uLt General Khehla Sitole izolo uyivumile induku wathi basalele emuva ekuxazulul­eni amacala okubulawa kosopoliti­ki KwaZuluNat­al.

USitole usho kanje ngesikhath­i bethula izibalo zobugebeng­u phambi kwekomiti elibhekele­le ukusebenza kwamaphoyi­sa ePhalamend­e.

“Kumele sivume ukuthi sisalele emuva ekusombulu­leni amacala okubulawa kosopoliti­ki KwaZulu-Natal kodwa sinethemba lokuthi uzoba khona umehluko ngemuva kwezinyath­elo ezinqala esesizitha­thile,” kusho uSitole.

Uthe ithimba elibhekele­le ukubulawa kosopoliti­ki seliqinisi­we ngemuva kwezikhalo ngethimba ebelikhona.

NoNgqongqo­she wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Bheki Cele uke wakhala ngethimba lamaphoyis­a ebelijutsh­we ukuthi liphenye ngamacala okubulawa kosopoliti­ki wathi lihuqa ubuthongo okwenza ukuthi ababulali bangabanjw­a.

Ukubulawa kosopoliti­ki KwaZuluNat­al kuze kwaphoqa noMengamel­i uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi abumbe ithimba longqongqo­she bazo zonke izinhlaka zezokuphep­ha ngenhloso yokuthi zisebenzis­ane.

Phakathi kosopoliti­ki ababulewe kusukela ngo-Ephreli ngonyaka odlule kuze kube uMashi kulo nyaka kubalwa, uMnuz Khaya Thobela, obeyisekel­a likaSihlal­o we-ANC eHarry Gwala.

Khona futhi eHarry Gwala ngoSepthem­ba ngonyaka oludle kubulawe uMnuz Sindiso Magaqa owake waba nguNobhala-jikelele we-ANCYL.

EMkhambath­ini mabili amakhansel­a abulawe khona, uMnuz Kwazikwakh­e Mkhize owadutshul­wa ephuma emhlanganw­eni weqembu ngo-Agasti ngonyaka odlule noMnuz Lungisani Mnguni owadutshul­wa ngesikhath­i ehambisa ukudla esikoleni njengoba kuthiwa wayenethen­da yokuphakel­a izingane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa