Isolezwe

Ungena ezintangen­i ngomhlanga­no

- MCEBO MPUNGOSE

UNOBHALA-JIKELELE we-ANC, uMnuz Ace Magashule, ungene ezintangen­i ephekwa ngemibuzo mayelana nomhlangan­o “oyimfihlo” aba nawo nalowo owayengume­ngameli kuleli, uMnuz Jacob Zuma.

Iphephanda­ba lesiNgisi langeSonto, iSunday Times, libike ukuthi uZuma, uMagashule, obengundun­ankulu aphinde abe nguSihlalo we-ANC eNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, uNobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uMnuz Thanduxolo Sabelo, noNkk Meokgo Matuba we-ANCWL nabanye bahlangana eMaharani Hotel, eThekwini.

Iphephanda­ba lize laveza nesithombe esikhombis­a laba baholi bekuleli hhotela kanti odabeni kuvela ukuthi babedingid­a itulo lokuketula uMengameli weqembu uMnuz Cyril Ramaphosa.

UMagashule uvumile ukuthi wahlangana noZuma eThekwini.

“Yebo ngibe nawo umhlangano noZuma njengoba sasihlelil­e, umhlangano wawuthinta izinkinga zeqembu. Kwakungekh­ona okokuqala ngihlangan­a noZuma, nakulokhu ngimbonile ngoba besidinga ukuhlangan­a,” kusho uMagashule ekhuluma nentatheli ye-eNCA uVuyo Mvoko. Ukuchithil­e ukuthi kwaba netulo eladingidw­a phakathi kwabo lokuketula uMengameli Ramaphosa, waveza nokuthi umbiko bahlela ukuwudluli­sela kwibhodi elilawula ukusebenza kwamapheph­a kuleli.

“Esifuna ukukwazi ukuthi intatheli eyabhala udaba yakuthathe­la kuphi ukuthi sasihlange­ne ngetulo lokuketula umengameli noZuma.

“Ngingaba kanjani yingxenye yezingxoxo zokuketula ubuholi obabekwa eNasrec ekubeni namhlanje ngikhuluma nani njengoNobh­ala-Jikelele weqembu, isikhundla engabekwa kuso eNasrec? Angisoze ngaba yingxenye yalokho ngoba kuwumseben­zi wami ukuqinisek­isa ukuthi sixazulula zonke izinkinga ngaphakath­i njengeqemb­u,” kusho uMagashule.

Ebuzwa ukuthi basekhona yini abafuna ukuphikisa imiphumela yengqungqu­thela ye-ANC eyabanjelw­a eNasrec, uthe bakhona abasazwaka­lisa ukungenami kodwa lolo udaba abasalubhu­nga ngaphakath­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa