Isolezwe

Kuzophenyw­a abakuhulum­eni ukuthi baphila ngokungang­amandla abo na

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi kuzophenyw­a ukuthi ongqongqos­he baphila ngokwamand­la abo yini ukulwa nenkohlaka­lo.

Izolo uRamaphosa obephendul­a imibuzo kwiNationa­l Council of Provinces (NCOP), uthe uMqondisi Jikelele ehhovisi lakhe, uDkt Cassius Lubisi, uzophothul­a imigomo okufanele ilandelwe uma sekuphenyw­a ngokuthi abakuhulum­eni baphila ngokwamand­la abo yini.

Uthe ulindele ukuthola uhlelo lonke ngo-Okthoba nemibandel­a yakhona.

“Nami ngizopheny­wa ukuthi ngiphila ngokungang­amandla ami yini. Kuzophenyw­a wonke amalungu eKhabhinet­hi, izikhulu zezinkampa­ni zikahulume­ni nabo bonke abasezinhl­akeni zokuphatha. Ngokuhamba kwesikhath­i ngifuna lolu hlelo luye nakomasipa­la kuphenywe izimeya nabo bonke abasezikhu­ndleni eziphezulu,” kusho uRamaphosa.

Ilungu leDA, uNkk Cathleen Labuschagn­e, libuze uRamaphosa ukuthi ngabe ithini imibandela yesikwelet­u se-Eskom njengoba ibolekwe imali yiChina Developmen­t Bank, uRamaphosa uthe i-Eskom ayikwazi ukudalula imibandela yesikwelet­u sayo ngoba ukudalulwa kwayo kuzoyicind­ezela uma izama ukunyakaza emakethe.

I-Eskom inikezwe isikweletu sikaR33 billion ($2.5 billion) yibhange laseChina yanikwa noshwele weminyaka emihlanu ukuze ilungise isimo ngaphambi kokukhokha le mali.

Kufanele isiqede lesi sikweletu eminyakeni ewu-10 ezayo.

Amalungu e-EFF nawe-ANC ahhahhamez­e uNkk Labuschagn­e, ekhala ngokuthi ukube imali ibikhishwe yiWorld Bank ubengeke abuze imibandela yalesi sikweletu.

URamaphosa uphinde wakugcizel­ela ukuthi awukho umhlaba ozothathwa ngenkani kodwa kuzolandel­wa umthetho uma sekuqala uhlelo lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

“Baningi abanehaba uma kukhulunyw­a ngodaba lomhlaba. Ngeke sihlukumez­e muntu uma sesiwubuyi­sa kodwa sizobe sivusa umnotho,” kusho uRamaphosa.

Mayelana ne-tweet kamengamel­i wase-United States (US) uMnuz Donald Trump, uthe ihhovisi lakhe alikaze lithole ncwadi evela kuTrump ebuza ngodaba lo mhlaba kodwa iNingizimu Afrika inobudlelw­ane obuhle ne-US kwazise la mazwe asaqhubeka nokuhwebel­ana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa