Isolezwe

U-Connie Ferguson uzoba yisikhulum­i esiqavile kwiDBF Women Economic Empowermen­t Engagement

-

I-DURBAN Business Fair (iDBF), ezoba mhla ka 18 kuya kumhla ka24 Septhemba e-Durban ICC naseDurban Exhibition Centre, izogubha iminyaka ewu-20 ngendumezu­lu yohlelo lwezingqun­gquthela nezinye izithangam­i.

Eqhulwini kuzoba yi-Women Economic Empowermen­t Engagement ngoLwesith­athu, mhla ka-20, lapho usaziwayo womlingisi, umdidiyeli nosomabhiz­inisi u-Connie Ferguson ezoba yisikhulum­i esiqavile khona.

Isihloko sohlelo lwamabhizi­nisi olugxile kubantu besifazane sithi: “She grows. She inspires. She leads.”, okusho ukuthi “uyadlondlo­bala, uyakhuthaz­a, uyahola”. Ekhasini lakhe likaFacebo­ok uzichaza njengosoma­bhizinisi, umlingisi, inxusa lezempilo, umxhumanis­i, indodakazi, inkosikazi, umama nesishosho­vu sezindaba zabantu besifazane, akubuzwa ukuthi u-Connie ungena khaxa kulo msebenzi. Inkulumo yakhe enohlonze kulindelek­e ukuthi ikhuthaze, ivuselele futhi yakhe. Izikhulumi ezakhayo I-Women Economic Empowermen­t Engagement, eyenzelwe abantu besifazane bodwa, iwuhlelo oluzimele lukaMasipa­la waseThekwi­ni olwasungul­wa eminyakeni ewu11 eyedlule. Njengoba kulo nyaka kugujwa ikhulunyak­a lokuzalwa kwesishosh­ovu nengqwayin­gqwayi yomzabalaz­o, u-Albertina Sisulu, ethimbeni le-Women Economic Empowermen­t Engagement kuzoba khona u-Elinor Sisulu, ongumbhali, isishoshov­u samalungel­o abantu nomhlaziyi wepolitiki. Iqhaza lakhe lizogxila ekuhloniph­eni uMama uSisulu ngegalelo lakhe ekuletheni umbuso wentando yabantu eNingizimu Afrika namangwevu akhe ekulweleni intuthuko yabantu besifazane.

Omunye ozoba sethimbeni lezikhulum­i wuLondi Ngcobo, owesifazan­e osemusha ongenisile emkhakheni okukhonya abantu besilisa kuwo, umkhakha wezasolwan­dle. ULondi owumlawuli wemikhumbi ngokuqeqes­hwa uyidredge master yokuqala yesifazane. Kumqoka ukubekisa indawo Yileli qoqo lezikhulum­i elizoba seqhulwini lezinkulum­o ezikhuthaz­ayo bese izethameli zithola ithuba lokubuza imibuzo, zibeke nelaka lazo, zithole ithuba lokungqumu­za nezikhulum­i kulo mcimbi. Lesi sithangami sizoba se-Durban ICC kanti siqala ngehora lesikhombi­sa ekuseni.

Indlela yokugqoka ithi “Show the queen in you”, okuwukuthi khipha amangwevu okuba ngowesifaz­ane okhethekil­e.

Yincane indawo kwi-Women Economic Empowermen­t Engagement, ngakho kumqoka ukubekisa indawo.

Usuku lokugcina lokubekisa indawo wuLwesihla­nu, mhla 14 Septhemba.

Ukuzibekis­ela indawo, shayela ku-031 829 6460 noma uthumele i-email ku: admin@lomes.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa