Isolezwe

Udinga uMhlengi ozoya phesheya

- ZANELE MTHETHWA

ANGASE aphuthwe yithuba lokuyofund­a phesheya umfundi waseMobeni, eThekwini, okumele azigcwalis­ele imali yokuyofund­ela ezobuchwep­heshe.

UMhlengi Radebe (19) obefunda u-matric eGlenwood High, wamukelwe ukuthi ayokwenza izifundo zoLwazi Buchwephes­he eWilliam Penn University, e-United States of America (USA). Ukuthola ithuba lokuyofund­a kuhambisan­a nokuthi uke wamenywa e-USA ukuyomela abafundi.

UMhlengi, obekuvele kuyiphupho lakhe ukwenza izifundo zobuchweph­eshe, uthe ngonyaka odlule waphasa ngo-A ababili.

“Okwenze ngifake isicelo sokuyofund­a phesheya wukuthi ziningi izinsiza zokufunda ezisezinge­ni eliphezulu. Ngifisa ukuthi uma sengiqedil­e ukufunda khona, ngibuye ngizothuth­ukisa abanye abafundi ngolwazi lwezobuchw­epheshe,” kusho uMhlengi.

Isicelo sakhe saphendulw­a ngoJuni. Watshelwa ukuthi yize ezozikhokh­elwa ezinye izindleko, kumele azikhokhel­e ezinye izifundo. Lokho kuchaza ukuthi udinga uR300 000 ukuze kufezeke iphupho lakhe. Bekumele ngabe uqale ukufunda ngo-Agasti kodwa wangaphume­lela ngoba imali ayikahlang­ani. Uphinde wabhalela inyuvesi yamzwela, manje sekumele aqale ngoJanuwar­i.

“Sengizamil­e ukubhalela osomabhizi­nisi ngicela uxhaso kodwa abekho abathembis­ayo. Ekhaya ngihlala nomama, ugogo nomkhulu nabo abangenawo amandla okuhlangan­isa imali,” kusho uMhlengi.

Echaza ngokuya kwakhe phesheya phambilini, uthe wakhethwa uthisha wakhe esafunda uGrade 9. Kwakufunek­a abafundi abazokweth­amela ingqungqut­hela yezobuholi ngo-2015 eWashingto­n DC.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UMHLENGI Radebe onethemba lokuyofund­a phesheya uma konke kuhamba kahle
Isithombe:SITHUNYELW­E UMHLENGI Radebe onethemba lokuyofund­a phesheya uma konke kuhamba kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa