Isolezwe

Awehle umoya kwabasonde­lene nebhola ezweni

-

UKUNGAWINI kweBafana Bafana ezama ukuzibekis­ela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseCameroo­n ngonyaka ozayo, akumele kuze kwenyuke imimoya ngokweqile kubantu baseNingiz­imu Afrika.

IBafana iphinde yehluleka yancama ukuthola amaphuzu agcwele ngesikhath­i ibambana neLibya ngo 0-0 emdlalweni wokuhlunga eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o.

Lokhu kuholele ekutheni kuthande ukushuba isimo phakathi komqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, nabezindab­a ngemuva komdlalo. Bekubangwa ukuthi uBaxter uthe labo abagxeka ukufakwa eqenjini kukaDean Furman abalazi ibhola. UFurman uqokwe njengomdla­li ovelele emdlalweni.

UBaxter uphikile ukuthi uke washo into enjalo kodwa isimo bese sivele singesesih­le phakathi kwakhe nentatheli ethile emsole ngokusho into efanayo nangesonto eledlule. Ngeledlule kuke kwathanda ukushuba ngesikhath­i uBaxter echazela abezindaba ukuthi kungani eqoke indodana yakhe uLee Baxter ukuthi azocija onozinti kwiBafana.

Akukuhle ukuthi iBafana ayiwini kodwa uBaxter nabo abezindaba kumele behlise umoya ngesimo. Akekho okumele atshelwe ukuthi akalazi ibhola (uma kungukuthi ukushilo ngempela lokho uBaxter) ngoba ulwazi lwethu luhlale lungalinga­ni kungakhath­alekile ukuthi sisuke sikhuluma ngani.

Kuyaziwa ukuthi kwagcina kumuncu kanjani phakathi kwabezinda­ba no-Ephraim “Shakes” Mashaba owayecija iBafana. Lokhu kwaholela esimeni esingesihl­e neze lapho uMashaba axabana khona neSouth African Football Associatio­n (Safa) eyagcina imkhombe indlela.

Kuyazicace­la ukuthi uBaxter akayena umuntu okholelwa ekwehlelen­i ngezansi uma ebuzwa ngento. Nokho bonke abasondele­ne nebhola eNingizimu Afrika kumele behlise umoya, babambisan­e ukuze kungonakal­i kuye phambili eqenjini lesizwe.

Ukungezwan­i kukaBaxter nabezindab­a kungenza isimo singabi sihle bese ungenzeki ngendlela umsebenzi wokubekise­la iBafana indawo kwi-Afcon ngonyaka ozayo. Kungakuhle ukuthi kuphendulw­ane ngendlela enokukhula nokuhlonip­hana uma kukhulunyw­a ngeqembu lesizwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa