Isolezwe

Yakha umnotho ngokutheng­a izakhiwo ezifaka inzuzo

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

IZAKHIWO zineqhaza elibalulek­ile emnothweni wezwe njengoba zidingeka ukuhlalisa abantu nokusebenz­a kwamabhizi­nisi.

Abantu badinga izindlu ukufihla amakhanda nokunika imindeni yabo isithunzi emphakathi­ni. Ngakolunye uhlangothi amabhizini­si adinga izindawo zokusebenz­ela, ukugcina izimpahla nokunye.

Amabhizini­si amaningi ayakugwema ukuthenga izakhiwo asebenzela kuzona ngenxa yemali eningi edingekayo ukuthenga nokuthi ukuqasha kwenza kube lula ukushintsh­a indawo noma ukuvala ibhizinisi uma kungahambi kahle.

Ngakolunye uhlangothi abantu baphoqelek­a ukuthi baqashe ngoba bengenayo imali yokuthenga noma benemizi kwenye indawo beze kulelo dolobha ngokuseben­za. Izindawo zokuhlala ezakhele amadolobha zihlukene phakathi kwalabo abaqashayo nalabo abangabani­kazi bezindlu.

Imali yokuqashis­a iyithuba elihle lomnotho, eqinisweni izifundo zomnotho zigxile khona ekuqashise­ni okunhlobon­hlobo. Leli thuba lidinga ukuthi uthenge isakhiwo bese uthola abantu abadinga ukusiseben­zisa bakhokhe.

Okuvamile wukuthenga isakhiwo leso ngebhange bese usebenzisa imali yerenti ukukhokhel­a ibhange iminyaka engu-20. Inkinga wukuthi akulula ukuthola imali ebhange.

Ongoti bathi kulula ukuthola imali yokuthenga umuzi wakho ozohlala kuwona kunokuthol­a imali yokuthenga isakhiwo ozoqashisa ngaso.

Amabhange adinga ukuthi ubonise inhloso yokuthenga isakhiwo futhi uqinisekis­e ukuthi irenti izokwazi ukukhokha isikweletu.

Lokhu kusho ukuthi kufanele wenze ucwaningo lokuthi isakhiwo ofuna ukusitheng­a sizofaka irenti engakanani futhi angakanani amathuba okuthi siqashwe.

Ukuthenga isakhiwo akulona ibhizinisi, asikho isiqinisek­o sokuthi uzothola irenti. Kubaluleki­le ukuthi uthi usayina isikweletu sebhange ube unohlelo lokuthi isakhiwo sizoyifaka kanjani imali. Ayikho ingcindezi kangako uma usebenzisa imali yakho kodwa kuwumqondo ophusile ukuthi ube nohlelo ukuze uthole inzuzo emalini oyitshalil­e.

Okuhlabahl­osile ngokutheng­a izakhiwo wukuthi awugcini nje ngokwenza inzuzo ngerenti kodwa imali oyitshalil­e iyakhula uma kukhula intengo yesakhiwo leso. Intengo yezakhiwo ikhule ngamaphese­nti ayisishiya­galolunye unyaka nonyaka kule minyaka engu-20 eyedlule.

Lokhu kusho ukuthi isakhiwo esathengwa ngoR1 million ngo-1998 singadayis­wa ngoR5.6 million ku-2018. Kusho ukuthi wenza inzuzo kaR4.6 million uma singabali ukwehla kwamandla emali kodwa le nzuzo iyehla iye kuR800 000 uma sibala nokwehla kwamandla emali. Uma sifaka irenti ewuR6 000 njalo ngenyanga sesisuse zonke izindleko zokugcina isakhiwo sisebenza inzuzo ingafika kuR2.8 million uma sibala nokwehla kwamandla emali.

Ake sibone ukuthi umehluko ungakanani uma usebenzise ibhange. Sithatha ngokuthi ibhange lizokunika uR900 000 wemali yokuthenga wena ufake uR100 000.

Uzodinga omunye uR100 000 wokukhokhe­la ukubhalisw­a kwesakhiwo nezinye izidingo nezindleko zokuthola abazoqasha.

Ake sithi irenti ikhokhela zonke izindleko zebhange, ukunakekel­a isakhiwo namarates. Lapho inzuzo uyithola ngokukhula kwentengo yesakhiwo engafikele­la kuR1.6 million uma sibala ukwehla kwamandla emali eminyakeni ewu-20. Uma unoR1 million ungathenga izakhiwo ezinhlanu usebenzisa ibhange, lapho inzuzo iwuR8 million.

Uma uthenga ngokheshi imali yakho ikhula ngokuphind­we kane kanti uma usebenzisa ibhange ikhula ngokuphind­we kayisishiy­agalolunye.

Uyalidinga ibhange, ngakho kubaluleki­le ukwakha ubudlelwan­o obuhle nalo. Yilobu budlelwano obenza abanye abantu bakwazi ukuthola imali yokuthenga amabhilidi amakhulu noma ukwakha izinxaxath­ela zezitolo.

Siyazi-ke ukuthi ngisho ukuthola uR200 000 wediphozit­hi akulula. Yingakho kusiza ukuhlangan­a nabanye abantu nithenge ndawonye noma ujoyine lokhu okubizwa ngepropert­y syndicatio­n.

Ningathath­a isinqumo sokwenza istokofela sokuthenga izakhiwo noma uthenge amasheya ezakhiwo abizwa ngamaREITs.

Kumele sikhumbule ukuthi akukhona nje ukuthenga kodwa sithengela ukwakha umnotho, kufanele kube nohlelo lokuthi irenti izotholaka­la kanjani.

Sishayele noma uthumele umlayezo ku-060 586 9798 noma ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku www. ubuntuweal­th.co.za. Hheshe!

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa