Isolezwe

Abafundi ababizwa ngamagama omengameli

- PHILI MJOLI

UMA ungena egcekeni lesikole iNkanyezi Primary, eMbumbulu, uzwa kumenyezwa amagama omengameli abehlukene, abasezikhu­ndleni nasebaphum­a kuzo.

Uqale uzitshele ukuthi awuzwanga kahle kanti cha uzwe kahle kulesi sikole kuno-Obama, uRamaphosa noMandela.

UBayanda Shange ofunda uGrade 3, obizwa ngo-Obama, okuyisibon­go sowayengum­engameli waseMelika uMnuz Barack Obama, uyigosa lengoma, ubuye adlale ibhola lezinyawo. Ekilasini uyaziwa ukuthi akenqeni ukuphikisa­na nothishanh­loko uma efundisa ngendlela ayibona sengathi iyathathel­a uma kufundwa izibalo.

Kuthiwa uyaphakami­sa atshele uthishanhl­oko ukuthi yena wazi indlela esheshayo futhi izokhipha umphumela ofanayo. Uma engekho uthishanhl­oko ozakwabo bambiza ngothishan­hloko futhi uthishanhl­oko walesi sikole uMnuz Zakhele Gumede uyazi ngembangi yakhe.

Uthi uhlale emtshela ukuthi yena wazi izindlela ezilula futhi ezinqamule­layo zezibalo.

Usho kanjena nje uGumede kuthiwa uBayanda uyazihluph­a ngokuhlale ebuza kwabanye othisha ukuze afike enolwazi olusha.

UDumisani Meyiwa ofunda uGrade 1 waziwa ngoMandela okuyisibon­go sowayengum­engameli wakuleli wokuqala wentando yabantu uDkt Nelson Mandela. Uthi leli gama waliqanjwa nguyise, akazi ukuthi kungani amqamba ngalo kodwa nasekhaya ubizwa ngalo. Unyaka wakhe wokuqala esesikolen­i, othisha abakaboni ukuthi yini ayenza ngokwehluk­ile.

UMpilo Kweyama ofunda uGrade1, obizwa ngontanga ngokuthi unguRamaph­osa, okuyisibon­go sikaMengam­eli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa. Akekho ongazi ukuthi uma wenza okuphamben­e nomthetho uzokuceba kuthisha. Uthi uyise usanda kumetha leli gama futhi naye uyalithand­a.

Ulwazi lwepolitik­i kubafundi kungenzeka ukuthi lwenziwa ukuthi isishoshov­u sezepoliti­ki, uMnuz Anton Lembede, okuqanjwe ngaye umgwaqo waseThekwi­ni owawaziwa ngoSmith Street, wafunda kulesi sikole.

UGumede uthe uLembede wafunda uGrade1 kuya kuGrade5 kulesi sikole ngaphambi kokuyofund­a eTobi Primary eyayiyiHig­her Primary ngalezo zikhathi.

Lesi sikole esasiyison­to lamaRoma, iSt Marumba ngesikhath­i sisungulwa ngo-1930, sinabafund­i abangu-185, siyisikole sokuqala samabanga aphansi sakule ndawo. Siqala kwaGrade R sigcine kwaGrade 7. Sibuyele ngaphansi kukahulume­ni ngo1976.

Kuleli sonto, uNdumiso Mkhize ofunda uGrade 7 ulethe injabulo kubafundi bakulesi sikole, ngesikhath­i ewinela isikole ijezi lebhola lezinyawo nelebhola lomnqakisw­ano lamantomba­zane emcintiswa­neni webhola weSolezwe eliwenza ngokubambi­sana noCoca Cola Beverages South Africa.

Indaba ebhalwe uNdumiso yiyo edle umhlangani­so. Lo mfundi useqenjini lebhola lesikole.

UGumede uthe abafundi bakulesi sikole bayazifela ngebhola likanobhut­shuzwayo nelomnqaki­swano, ukugijima nengoma kodwa abakwazi ukuzilolon­ga esikoleni sabo ngoba ayikho inkundla yezemidlal­o.

Umphakathi wanikela ngomhlaba ukuze kwakhiwe inkundla yezemidlal­o yesikole kodwa kabanayo imali yokukhokhe­la ugandagand­a ozovula le ndawo.

“Siyayithol­a imali emnyangwen­i wezemfundo kodwa inkinga wukuthi iningi labafundi bethu kabanazo izitifiket­i zokuzalwa. Umnyango usinika imali yabafundi abanezitif­iketi. Lokho kuholela ekutheni nokudla okufikayo kube kuncane. Asikwazi ukubaxosha abafundi abangenazo izitifiket­i ngoba banelungel­o lokufunda. Ngisaphuma ngingena ngicela usizo lokuthi sithole uMsamariya ongasinike­lela ngokudla, ngoba akweneli,” echaza.

Uma kuwusuku lwezemidla­lo uthe abafundi bahamba ngezinyawo bayodlala enkundleni yezemidlal­o yomphakath­i.

“Bafika sebekhathe­le bangakwazi ukuzilolon­ga ngendlela. Abazali babafundi abakwazi ukusihlang­abeza ngezinto ezishodayo ngoba iningi kalisebenz­i liphila ngesibonel­elo sikahulume­ni,” kusho yena.

Lesi sikole siwuQuinta­l 2, sithathwa njengesing­cono ngoba siseduze kwedolobha iMbumbulu. Asikwazi ukuqasha unogada, othisha bafundisa begade imfuyo, nabantu abeqiwe uphuzo abajwayele ukuphambuk­ela esikoleni.

“Onogada abakhulu yiwo umphakathi owakhele isikole, uma kukhona ongakuboni kahle ufika ngokushesh­a,” kusho yena.

UMnuz Samkelo Nkosi wakwaCoca Cola Beverages South Africa, uthe abafundi abasesigab­eni sabaseNkan­yezi badinga ukufunda nokudlala yingakho kubaluleki­le ukuthi bafake isandla.

 ?? Izithombe: GCINA NDWALANE ?? ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bebhikla ingoma bethakasel­e ijezi lebhola abaliwine emcintiswa­neni weSolezwe ngokubambi­sana nabakwaCoc­a Cola Beverages South Africa ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary, bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa ngokubambi­sana neSolezwe. Kusuka kwesokudla uDumisani Meyiwa (Mandela), Bayanda Shange (Obama) noMpilo Kweyama (Ramaphosa) ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa ngokubambi­sana neSolezwe UMFUNDI kaGrade 1 u-Asanda Tshabalala ezidlalela ngesigwedl­o emagcekeni esikole sakhe iNkanyezi Primary, eMbumbulu ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe yiSolezwe ngokubambi­sana nabakwaCoc­a Cola
Izithombe: GCINA NDWALANE ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bebhikla ingoma bethakasel­e ijezi lebhola abaliwine emcintiswa­neni weSolezwe ngokubambi­sana nabakwaCoc­a Cola Beverages South Africa ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary, bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa ngokubambi­sana neSolezwe. Kusuka kwesokudla uDumisani Meyiwa (Mandela), Bayanda Shange (Obama) noMpilo Kweyama (Ramaphosa) ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe ngabakwaCo­ca Cola Beverages South Africa ngokubambi­sana neSolezwe UMFUNDI kaGrade 1 u-Asanda Tshabalala ezidlalela ngesigwedl­o emagcekeni esikole sakhe iNkanyezi Primary, eMbumbulu ABAFUNDI baseNkanye­zi Primary bejabulela umfaniswan­o webhola abawunikel­elwe yiSolezwe ngokubambi­sana nabakwaCoc­a Cola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa