Isolezwe

Ihhovisi elizocwani­nga ngesivuvuj­ikelele

- BONISWA MOHALE

KUTHENJWA ukuthi ihhovisi lokuqala ngqa elizocwani­nga ngomthelel­a wokuguquka kwesimo sezulu ngendlela engajwayel­ekile kubantu nasemkhath­ini lizoza nezisombul­ulo enkingeni yesivuvuji­kelele.

Lokhu kushiwo ngobemele iMeya yeTheku, uMnuz Nkosenhle Madlala, emcimbini wokuvula ngokusemth­ethweni kwehhovisi, eliseNyuve­si yaKwaZulu-Natal eWestville, eThekwini, izolo.

UMadlala uthe isivuvujik­elele yinkinga okufanele isukunyelw­e yiwo wonke umuntu futhi uyathemba ukuthi ihhovisi elivuliwe lizoza nezisombul­ulo ezizosiza abantu baseThekwi­ni.

Wenze isibonelo sokuthi iTheku selijwayel­we yizikhukhu­la ezivamise ukugugula imizi yalabo abakhe ngasoseben­i lomfula.

Umphathi wehhovisi, uSolwazi Debra Roberts, ungowesifa­zane wokuqala emazweni aseNingizi­mu neNkabazwe ukuhola ithimba lesivuvuji­kelele eminyakeni ewu-30 selokhu kwasungulw­a izinhlelo ezicwaning­a ngokuguquk­a kwesimo sezulu.

UMqondisi Jikelele eMnyangwen­i wezeMvelo kuzwelonke, uDkt Tsakani Ngomane, uthe ukuvulwa kwehhovisi lesivuvuji­kelele kuzokwandi­sa imibono yamazwe ase-Afrika nocwaningo olwenziwa ososayensi bezwekazi.

“Isivuvujik­elele akufanele sisibuke njengento ekude nathi ngoba kulimala kakhulu abantu baseAfrika, abahlala eziqhingin­i nabanye basemazwen­i angasikhiq­izi isisi esilimaza umoya. Kubaluleki­le ukuba khona kwaleli hhovisi ngoba lizoba sekhaleni locwaningo oluzosiza ukusivikel­a ezinkingen­i ezidalwa yisivuvuji­kelele. Imiphumela yesivuvuji­kelele siyibonile eNingizimu Afrika ngesikhath­i kunesomiso esibi eWestern Cape,” kusho uDkt Ngomane.

USolwazi Roberts uthe ucwaningo lwabo ngeke lugxile kwisayensi kuphela kodwa bazosebenz­isana nemiphakat­hi ngoba yiyona ethikanyez­wa yisivuvuji­kelele.

“Kule zinyanga eziyisikho­mbisa esiziseben­zile sesigxilis­e umbono wethu ocwaningwe­ni obelubheka ukuthi kungani isivuvujik­elele sinyuka ngo-1.5 C° emhlabeni jikelele. Yithina sodwa esibe nombono wase-Afrika. Sizokwenza nocwaningo olubheka isivuvujik­elele olwandle nasemhlabe­ni,” kusho uSolwazi Roberts.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa