Isolezwe

Ulambele igoli ebhekene nezakhe

- NDUDUZO DLADLA

AKAKUFIHLI ukuthi uzojabula uma eshaye igoli edlala neqembu lakhe uBongi Ntuli, obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC.

UNtuli ujoyine Usuthu ngaphambi kokuvalwa kwewindi emasontwen­i ambalwa edlule. Usayine inkontilek­a yonyaka ebolekiswe kwiNyokana Eluhlazana. Akaqali nokho ukugijimel­a AmaZulu njengoba iSundowns ike yambolekis­a ngesizini ka-2014/2015. Ngaleso sikhathi wavalela phakathi amagoli ayisithuph­a emidlalwen­i ewu-12 egqoke ijezi loSuthu.

NgeSonto AmaZulu azodlala neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama. Ngokwejway­elekile abadlali banomkhuba wokuthi nxa bephatheke kahle eqenjini abebelidla­lela, noma eqenjini ababolekis­we kulona kuthi uma beshaya igoli bangajabul­i.

Kodwa uNtuli uthe yena angakujabu­lela ukushaya igoli ngeSonto uma esebhekene neqembu lakhe, futhi uzojabula ngeke athule.

“ISundowns yiqembu lami, kufanele ngilibonis­e ukuthi ngisesimen­i esihle, futhi ngisakwazi ukudlala.

“Ngizimisel­e futhi ngokuthi ngishaye namagoli ngisize Usuthu. Kungajabul­isa kakhulu ukushaya igoli kulo mdlalo ngoba kuzobe kuwumdlalo wami wokuqala ngibuyele oSuthwini.

“Ngizolijab­ulela igoli uma ngilishaye ngidlala neSundowns, angikwesab­i ukuthi ngiphuma kuyona,” kuchaza uNtuli izolo ngemuva kokuziqeqe­sha kwezakhe ePeople’s Park.

UNtuli uke wasebenzis­ana nomqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson eminyakeni edlule kwiPlatinu­m Stars. Lo mgadli uthe uyena owatshela imenenja yakhe uMandla Mthembu ukuthi ufuna ukubuyela oSuthwini kwazise abemaningi amaqembu abemfuna.

“Abekhona amaqembu abengifuna kodwa ngitshele imenenja yami ukuthi ngifuna ukuza kuMaZulu,” kucacisa uNtuli.

Ubudlelwan­o phakathi kukaNtuli noJohnson buhle kakhulu, kanti naye (uNtuli) uthe kube yisinqumo esilula ukubuyela oSuthwini ngoba uzosebenzi­sana nomqeqeshi omazi kangcono.

“Kube lula kakhulu ukuthi ngize kuMaZulu ngoba ngisebenzi­le noJohnson kakhulu futhi uyangazi. Nalokho nje kukodwa kube nomthelela esinqumeni sami,” kuqhuba uNtuli.

Umqeqeshi woSuthu uJohnson naye ubengawuva­li umlomo ngoNtuli ngesikhath­i ekhuluma nezintathe­li ngemuva kokuzicija kwezakhe izolo.

ISundowns iya kulo mdlalo noSuthu selokhu yagcina ukunqoba kwiMTN 8 idlala neLamontvi­lle Golden Arrows inqoba ngo 2-0, ngo-Agasti 11.

IMIDLALO ye-Absa Premiershi­p:

NgoMgqibel­o: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leopards v Bloemfonte­in Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontvill­e Golden Arrows (Princess Magogo Stadium, 3pm); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGI Ntuli waMaZulu uzobhekana neqembu elimboleki­sile iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGI Ntuli waMaZulu uzobhekana neqembu elimboleki­sile iMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa