Isolezwe

Zibhekiwe izitswebhu ezisayine sekuyovalw­a

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUBUYA kwemidlalo ye-Absa Premiershi­p ngeke kugcine ngokuqeda inkemane ebihlasele ngenxa yemidlalo yeFifa, kepha kuzonika ithuba lokuzideli­sa kubalandel­i bamaqembu asayinise izitswebhu zabadlali ngosuku lokugcina lokuvuleka kwewindi lokushints­hana ngabadlali.

Abalandeli bamaqembu afana neKaizer Chiefs, Cape Town City neMamelodi Sundowns kufanele ukuthi abasakwazi ukulinda kushaye impelasont­o ngoba kunamathub­a okuthi babone izinkunzi zabo ezintsha zilihlikih­la ezinkundle­ni ezahlukene.

Uma uzokhumbul­a ukuthi iSundowns isenomdlal­i ofana noPhakaman­i Mahlambi, osayine kuyona ngosuku lokugcina lokuvuleka kwewindi, ngeke kube lula ukugxeka abalandeli beSundowns ngokuhlule­ka ukulinda. ISundowns ilande uMahlambi kwi-Al Ahly yase-Egypt ngemali eshisiwe ngakho-ke kubhekwe ukuthi uPitso Mosimane uzombophel­a yini uma sebebheken­e naMaZulu ngempelaso­nto. UMosimane usanda kuveza nokho ukuthi uMahlambi akakabi wumqemane ngokwanele.

Lesi simo sifana ncamashi nakwiChief­s ngoba nakhona kusayine uLebogang Manyama noMario Booysen ngalo lolu suku lokugcina. Uma ubabheka laba badlali bobabili bazodingek­a kwiChiefs edonsa kanzima emidlalwne­i yeligi ngoba inkinga ayikho ekuyekweni kwamathuba akhiwayo kepha nokuvuza emuva kuyinkinga kwezikaGio­vanni Solinas. UManyama ubuya eTurkey kanti uBooysen ubekwi-Ajax Cape Town edliwe yizembe. USolinas uzovakashe­la uBenni McCarthy eCape Town Stadium kodwa kukuyena ukuthi uyazijabul­isa yini izinhliziy­o zabalandel­i bakhe ngokubophe­la laba badlali. Kungena elikaBenni nje, naye lo mqeqeshi ofake iCape Town City kowamanqam­u weMTN 8 ozodlalelw­a eThekwini, ugabe ngesibabul­i somgadli wodumo kwiOrlando Pirates nakwiBafan­a Bafana, uTokelo Rantie. URantie obesehlale isikhathi eside engadlali eqenjini laseTurkey, usayine kwezikaBen­ni ayegadla naye bedla izicoco kwiBucs.

Kubhekiwe ukuthi uzoqala yini kwiChiefs kodwa uma kuya ngendlela umqeqeshi wakhe akhuluma ngayo ngeke kwethusa uma engaqala lo mdlalo oseKapa.

KwiBidvest Wits ezihola phambili ku-log, uSibusiso Kumalo, osegcogcom­e amaqembu amaningi kusukela esayine kwiSundown­s eminyakeni edlule, uphinde wabolekisw­a kwezikaGav­in Hunt. UHunt angase amdedele lo mdlali uma sebebheken­e neMaritzbu­rg United ngayo belu le mpelasonto. Naye uKumalo ubolekiswe ngosuku lokugcina kuvuleke iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ABALANDELI beKaizer Chiefs balindele ukuthi adlale uLebogang Manyama ngempelaso­nto uma iqembu lakhe selibheken­e neCape Town City koweligi eCape Town Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X ABALANDELI beKaizer Chiefs balindele ukuthi adlale uLebogang Manyama ngempelaso­nto uma iqembu lakhe selibheken­e neCape Town City koweligi eCape Town Stadium
 ??  ?? CASTER SEMENYA
CASTER SEMENYA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa