Isolezwe

Kubuya izivivinyo ezifana ne-ANA

- MHLENGI SHANGASE

ZIKHUZA ibuya izivivinyo zamabanga aphansi ezachithwa yizinyunya­na zothisha ngoba zikhala ngokuthi kudingeka unyaka nonyaka kuhlolwe abafundi.

Lezi zivivinyo ezazaziwa ngeAnnual National Assessment­s (ANA), zizohlolwa ngenyanga ezayo ukuze ziqale ukubhalwa ngonyaka ozayo. Zizobuya sezibizwa ngelinye igama hhayi i-ANA.

Izinyunyan­a zothisha zamukele ukubuyiswa kwalezi zivivinyo kodwa zathi kumele zimakwe othisha hhayi izinkampan­i ezizimele.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekel­o, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe izinyunyan­a beziyingxe­nye yethimba eliyisipes­heli ebelibheka ukubuyekez­wa kwalezi zivivinyo.

Uthe lolu hlelo lokubuyeke­zwa kwalezi zivivinyo belufaka zonke izinhlaka ngakho akekho ongakhala ngokuthi ushiywe ngaphandle.

“Sonke sivumelene ngokuthi siyaziding­a lezi zivivinyo. Sisebenze sonke ukubuyekez­a lezi zivivinyo ukuze zibe yilokhu esiyikho. Sizoqala sihlole lezi zivivinyo kulo nyaka ukuze ngonyaka ozayo ziqale ukubhalwa,” kusho uMhlanga.

Uthe eminye imininingw­nae izodingidw­a emhlanganw­eni wesigungu songqongqo­she kuleli sonto.

“Sizoba nesithanga­mi nabezindab­a ngesonto elizayo lapho sizokhulum­a ngezinto eziningi ezithinta ezemfundo. Nendaba yalezi zivivinyo sizokhulum­a ngayo nokuthi iluphi uhlelo esizozilan­dela kuzona.”

UMengameli weNatu uMnuz Allen Thompson, uthe bayazamuke­la lezi zivivinyo ngoba bebeyingxe­nye yokubuyeke­zwa kwazo.

Uthe kodwa bafuna ukuthi othisha babe yingxenye yazo bangashiyw­a ngaphandle.

“Sifuna zimakwe njengomatr­ic. Lokho kusho ukuthi kukhethwe othisha abazomaka ukuze bakhokhelw­e njengoba kwenzeka kulabo abamakela u-matric. Asifuni kumake abanye abantu ngoba othisha abafundisa­yo,” kusho uThompson.

Uthe bavumelene ngokuthi zingabhalw­a unyaka nonyaka njenge-ANA.

Okhulumela iSadtu KwaZuluNat­al, uNksz Nomusa Cembi, uthe bayazamuke­la lezi zivivinyo ezibuyekez­iwe wathi bafuna othisha babe yingxenye yazo.

“Asifuni ukuthi kukhishwe ithenda kumake abantu bangaphand­le njengoba kukhona izinkampan­i esezigaqel­e lo msebenzi. Othisha yibona abafundisa­yo futhi yibona okumele bamake,” kusho uNksz Cembi.

Uthe ziyadingek­a lezi zivivinyo ukuze kuhlolwe ukuthi abafundi benza kanjani.

I-ANA yachithwa ngo-2015 kanti yayibhalwa kwaGrade 3, 6 no-9.

Imiphumela yawo yayisetshe­nziselwa izwe ukuthi lizihlole ukuthi likuphi uma liqhathani­swa namanye amazwe kwezemfund­o.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa