Isolezwe

Kuvalwe ihhovisi lamalayise­nsi elibanjwe inkunzi

- INTATHELI YESOLEZWE INTATHELI YESOLEZWE

KUPHOQELEK­E ukuthi livalwe ihhovisi loMnyango wezokuThut­ha eliseMbilo, eThekwini, elisebenza ukuvuselel­a amalayisen­si okushayela emuva kokuthi libanjwe inkunzi ngoLwesibi­li kwathintek­a impahla yokusebenz­a.

Isitatimen­de esithunyel­we uMnyango wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, sidalula ukuthi leli hhovisi lizoze livulwe ngoLwesihl­anu ngesonto elizayo.

Kuvela ukuthi kuningi okuphazami­sekile nokuholele ekutheni kungaseben­zeki njengoba kusale kumanikini­ki ngemuva kokubanjwa kwenkunzi.

Umnyango unxuse ukuthi abantu basebenzis­e ihhovisi lawo eliseMorni­ngside khona eThekwini ekhoneni lemigwaqo, uSmiso Nkwanyane noMngeni noma baye ePosini ukuze bathole usizo ngamalayis­ensi.

Umnyango uxolise kakhulu ngalesi sigameko esibe ngaphezu kwamandla awo wacela amalungu omphakathi ukuthi uwubekezel­ele ubambisane nawo. Ugcizelele ukuthi inhloso enkulu yokuvala ukuzama ukulungisa ukuze konke kubuyele esimeni esifanele kuqhutshek­we nomsebenzi wokusiza abantu abathembel­e kuleli hhovisi. AMAPHOYISA asePinetow­n athungatha uNkk Margaret Dolly Chili (71), osesithomb­eni, wasemgwaqw­eni uSteve Biko eNew Germany olahleke ngoLwesihl­anu olwedlule.

UNkk Chili kuthiwa ugcine ukubonwa ngomakhelw­ane bakhe ngoSepthem­ba 7 ngezithuba zabo-6.30 ntambama.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe wagcinwa ebonwa ehamba eya ngasehoste­la eKK, eClermont. Kucelwa ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi athinte uSgt Zenzi Mkhize ku-076 607 8883 noma inombolo yokubika ngobugeben­gu u-0800 10111.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa