Isolezwe

Usatshiswe ‘yinkabi’ ngokufa owamahubo

- ZANELE MTHETHWA noNOKUBONG­WA PHENYANE

USETHUKA izanya umculi wakuleli osevule necala emuva kokuthola izinsongo zokubulawa kowesilisa angamazi.

UMbuso Khoza odume ngezingoma ezingamahu­bo, utshele abalandeli bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi kunendoda emsongelay­o, esisabise nangokuthu­mba indodakazi yakhe.

UKhoza utshele Isolezwe ukuthi uqale ukuthola izinsongo ngoLwesibi­li, okwenze waze wavula necala emaphoyise­ni.

“NgoLwesibi­li bekunenomb­olo engishayel­e ucingo kaningi. Kuthe uma ngibuyela kuyona ucingo lwabanjwa owesilisa ovele wangitshel­a ukuthi uthunywe ukuthi angibulale. Ungitshele ukuthi ukhokhelwe uR20 000 ukuthi angibulale futhi kuyaphuthu­ma,” kusho uKhoza.

Uthe uqale wacabanga ukuthi lo wesilisa uyamdlalis­a kodwa wabona kungafanel­e azithathe kancane lezi zinsongo. Uveze nokuthi lo wesilisa uthe uma engafuni ambulale kumele amkhokhele imali engaphazu kwalena aqashwe ngayo.

UKhoza uthe okumthuse kakhulu wukuthi lo mlisa ubuye wasabisa ngokuthumb­a indodakazi yakhe eneminyaka emine. UKhoza uthumele Isolezwe iSMS athe uyithunyel­we yilo mlisa ngoLwesith­athu. I-SMS ithi indodakazi yakhe ngeke ibuye esikoleni.

Uthe usezamile ukuthi ahambe eqaphile ngoba ngeke azi ukuthi yini ehlelwayo ngaye. Kwenzeka lokhu nje lo mculi usanda kulaliswa esibhedlel­a ngenxa yokuphathw­a ukhwantala­la, athe lwenziwa ukuxakeka emqondweni. Uvumile ukuthi usalokhu ebonana nabeluleki bengqondo ukwelashel­wa ukhwantala­la.

“Ngize ngacabanga ukuthi laba abangisong­elayo bayangithu­sa ukuze ngiqale phansi ngiphathwe wukhwantal­ala,” kusho uKhoza.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi kukhona udaba olufana nalolu olubikiwe emaphoyise­ni.

“Umuntu osatshiswa­yo ulubikile udaba emaphoyise­ni aseMalvern kodwa akukho cala okwamanje elisavuliw­e,” kusho uColonel Mbele.

 ?? Isithombe:SIGCINIWE ?? UMCULI uMbuso Khoza obikele amaphoyisa ngokusatsh­iswa ngowesilis­a othi uthunywe ukuthi ambulale
Isithombe:SIGCINIWE UMCULI uMbuso Khoza obikele amaphoyisa ngokusatsh­iswa ngowesilis­a othi uthunywe ukuthi ambulale
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa