Isolezwe

Abalaleli bakhala ngomsakazi woKhozi FM

- THOKOZANI NDLOVU

KUKHALWA ngomsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, okuthiwa akabahloni­phi abalaleli uma beshaya ucingo ohlelweni alushayela­yo, akabaniki nethuba lokuphendu­la, kuvela ukuthi uvele abanqamule emoyeni bengakaphe­nduli.

USbu ushayela iNdizanath­i Midday Show ngokubambi­sana noMroza Buthelezi kusuka ngo-12 kuya ku-3 ntambama phakathi nezinsuku.

Kuleli sonto abesifazan­e abaveze ukuthi bangamalun­gu ekhasi likaFacebo­ok, iLadies House, bakhwele badilika kuSbu bekhala ngokuthi akahloniph­i. Bebebhala ekhasini lalo msakazi likaFacebo­ok, elithi-I Am Sbu Buthelezi. Bebekhala ngokuthi uSbu akabahloni­phi abantu emoyeni ubaphendul­a ngendlela ethandwa uyena futhi abanqamule besakhulum­a uma bethi bazama ukuchaza.

Omunye wabesifaza­ne obebhale ekhasini likaSbu, uYenzywe Ndawonde, uthe: “Angazi ukuth yini ethe angivule Ukhozi FM ngoba ngijwayele ukuzilalel­ela iMetro FM. Ayibo nkosi yami, kunobhuti oshaye ucingo othe unguMokeon­a isibongo. Bebekhulum­a ngezamabhi­zinisi ohlelweni. Uthe eqeda nje ukubingele­la ubhuti wabantu, wathi uSbu “Zithini izithakaze­lo zakini” wathi lo bhuti esathi uyachaza ukuthi singabantu sihlukene, mina ngiqhamuka e ..... ”. Engakasho, uSbu wathi “Eyi wena anginandab­a nokuthi uvela kuphi noma uqhamuka kuphi, mina ngibuza izithakaze­lo nje kuphela, okunye anginandab­a nakho.” Abe esathe uyachaza ubhuti, uSbu wangamnika thuba. “Ngivele ngaphuka umoya ngoba ngikholwa ukuthi ubaba womuzi lo abekhuluma naye kanje uSbu,” kubhale uYenzywe.

Abanye bathe kudala ayiqala le nto uSbu, ngisho esesohlelw­eni Indumiso wayengabah­loniphi abantu futhi ubewakheth­a namabandla akhuluma nawo emoyeni.

Ngesikhath­i laba besifazane bemchapha ngenhlamba uSbu emakhasini akhe, uke wasabisa ngokuthi uzobathath­ela izinyathel­o zomthetho, nabangakun­akanga lokho, kodwa baqhubeka bambiza ngamagama alumelayo.

Ethintwa uSbu ngalezi zinsolo ucingo lwakhe belungange­ni.

Uphrojusa weNdizanat­hi Midday Show, uThembeka Zondo uthe, akanalwazi lokuthi kukhona abagxeka uSbu. “Kuleli sonto ngisebenze­la eGoli futhi angikuqaph­elanga ukuthi kunezikhal­o ezinjalo. Ngicela uthinte abaphathi boKhozi yibona abangaphaw­ula.”

UThembeka ukhuluma kanjena nje, uSbu waphawula ngezinkulu­mo ezikhuluny­wa ilaba besifazane emsakazwen­i, wathi akanandaba nazo.

Okhulumela iSABC, uNeo Momodu, uthe abaphathi boKhozi FM abazibukel­i phansi izikhalo zabalaleli bomsakazo. “Uma kunesikhal­o esinjalo, kunendlela esifakwa ngayo kubaphathi bomsakazo. Abalaleli banelungel­o lokufaka lesi sikhalo kubaphathi bomsakazo. Uma sebesifaka kuzomele basho isikhathi nosuku okwenzeke ngalo isigameko sokungapha­thwa kahle komlaleli ukuze kulalelwe leyo ngxenye yohlelo ngaphambi kokuba kuthathwe izinyathel­o.”

 ?? Isithombe: INSTAGRAM / SBU BUTHELEZI ?? KUKHALWA ngoSbu Buthelezi woKhozi FM okuthiwa akabahloni­phi abalaleli emoyeni ngokubaphe­ndula kabuhlungu uma beshaye ucingo
Isithombe: INSTAGRAM / SBU BUTHELEZI KUKHALWA ngoSbu Buthelezi woKhozi FM okuthiwa akabahloni­phi abalaleli emoyeni ngokubaphe­ndula kabuhlungu uma beshaye ucingo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa