Isolezwe

Bashise isikole befuna umhlaba

- MHLENGI SHANGASE

BAHLALELE ovalweni othisha baseWiggin­s Secondary, eMayville, ngemuva kokushiswa kwamahhovi­si abo, kwasha izincwadi nempahla yesikole kwanqanyul­wa namapayipi amanzi okusolwa abantu abafuna ukudla umhlaba wesikole okungakhiw­e kuwona.

Lokhu sekwenze isikole sacela amaphoyisa ukuthi azulazule ngaphandle kwaso njengoba kuthiwa kunabasabi­sile ngokuthi bazobuya bazongqong­qisa nezimoto zothisha ngoba banenkani bagweve nendawo. Kuthiwa kufike abantu ababalelwa ku-50 izolo ezintatha kukhona onogada ababili bafike baphihliza ihhovisi lothisha bashisa izincwadi basuka bahamba.

Uthishanhl­oko uNkk Mamotsau Sithole, uthe uphuthume esikoleni khona ezintatha ngemuva kokubikelw­a ukuthi kuyasha.

Uthe ufike kushiswe ihhovisi lothisha, kwasha izincwadi nomsebenzi wabafundi nowothisha.

“Amanzi asinawo nje, basike amapayipi, amathoyile­thi awasebenzi. Kushe nokudla obekutheng­iwe, izihlalo namatafula okusha sha. Othisha bayasaba ngoba kunabantu abasonga ngokuthi bazobuya bazoshisa izimoto,” kusho uNkk Sithole.

Uthe okubuhlung­u wukusha komsebenzi wabafundi okumele baqale phansi bawuqoqe.

“Sizoncenga abafundi ukuthi baphinde babhale. Kushe umsebenzi wonyaka wonke wezingane. Nanyakenye kwantshont­shwa amakhompyu­tha kwadingeka siqale phansi umsebenzi. umonakalo owenzekile ungaphezul­u kukaR50 000.”

Uthe amapayipi amanzi bebesanda kuwalungis­a kuleli sonto bekade befike esikiwe.

Uqhube wathi bancenge abafundi ukuthi babhale izivivinyo ezandulela ezokugcina njengoba izolo bekubhalwa i-English.

Lesi sikole singesinye sezikole ezenza kahle njengoba nyakenye sithole u-99% kwa-matric.

“Kulo nyaka besifuna u-100% asazi uma sekwenzeke kanje ukuthi kusazokwen­zeka yini. Asibazi laba bantu abenza nje ngoba abakaze beze kuthina.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe umphakathi akumele udubele ezikoleni uma ufuna izidingo.

“Asisazakhi izikole ezishiswe wumphakath­i. Umphakathi uzozibonel­a ukuthi uzosakha kanjani ngoba siyisiding­ongqangi. Siyasigxek­a lesi senzo ngoba senzeke sekusele inyanga ngaphambi kokubhalwa kwezivivin­yo zika-matric,” kusho uMthethwa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokucekela phansi impahla elivulwe esiteshini samaphoyis­a iCato Manor.

Uthe ezintatha zayizolo amalungu omphakathi avale umgwaqo iDunbar ekhala ngokushoda kwezidingo.

“Abe eseya esikoleni iWiggins Secondary afike aphihliza amawindi, akukaboshw­a muntu.”

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMNUZ Nhlakaniph­o Mazibuko ehlanza istaff-room ngemuva kokushiswa kwesikole ngabebefun­a umhlaba esakhiwe kuwona
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMNUZ Nhlakaniph­o Mazibuko ehlanza istaff-room ngemuva kokushiswa kwesikole ngabebefun­a umhlaba esakhiwe kuwona
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa