Useyabaleka ‘odlwengulile’
UGCWELE amathafa umlisa (65) waseNseleni eduze kwaseKranskop osolwa ngokudlwengula intombazane (16) ephazamiseke emqondweni.
Unina wengane (40), igama lakhe eligodliwe ukuze ivikeleke, uthe bakhathazekile ngokungaboshwa kwalo mlisa.
Indodakazi yakhe yadlwengulwa ngoLwesibili oludlule.
Uthe wayesemsebenzini ecele umakhelwane wakhe ukuthi abheke indodakazi yakhe nengane yakubo eneminyaka emine.
Uthe ngesikhathi ebuya emsebenzini utshelwe yindodakazi yakhe ukuthi idlwengulwe yilo mlisa.
“Ingane yangitshela ukuthi idlwengulwe ngumkhulu wakwamakhelwane. Yangibikela ukuthi yayihleli emnyango nengane yakubo nengane yomunye umakhelwane engivame ukumcela ukuthi angibhekele izingane, lo mkhulu wase eyidonsela endlini engivame ukubasela kuyona uma ngipheka wayidlwengula,” kuchaza unina wengane.
Uthe emuva kokuthi sebetholile ngokwenzekile bayihlolile ingane babona ukuthi idlwenguliwe. Unina wengane uthe uye emaphoyiseni wayobika ngalesi sigameko watshelwa ukuthi akayiyise kudokotela iyohlolwa. Uthe nodokotela ukuqinisekisile ukuthi idlwenguliwe kwavulwa necala.
Uthe okubakhathazayo wukuthi lo mlisa akakaboshwa namanje.
“Nami ngiyesaba ngoba abantu baye basho ukuthi bake bambone ezihambela. Nathi sike simbone siwathinte amaphoyisa kodwa angafiki ukuzomlanda. Kuthiwa akasahlali emzini wakhe kodwa ufika emini uma kungekho muntu abuye ahambe. Okungiphatha kabi wukuthi ingane ayikhululekile futhi iyasaba njengoba engaboshiwe,” kusho unina wengane.
Uthe naye unovalo njengoba esebenza nje futhi ephoqeleka ukuthi ingane ayishiye igadwe ngomakhelwane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya ngecala lokudlwengula emuva kwezinsolo zokudlwengulwa kwale ntombazane. Uthe owesilisa osolwayo ubalekile lapho ehlala khona.