Isolezwe

Useyabalek­a ‘odlwenguli­le’

- LUNGI LANGA

UGCWELE amathafa umlisa (65) waseNselen­i eduze kwaseKrans­kop osolwa ngokudlwen­gula intombazan­e (16) ephazamise­ke emqondweni.

Unina wengane (40), igama lakhe eligodliwe ukuze ivikeleke, uthe bakhathaze­kile ngokungabo­shwa kwalo mlisa.

Indodakazi yakhe yadlwengul­wa ngoLwesibi­li oludlule.

Uthe wayesemseb­enzini ecele umakhelwan­e wakhe ukuthi abheke indodakazi yakhe nengane yakubo eneminyaka emine.

Uthe ngesikhath­i ebuya emsebenzin­i utshelwe yindodakaz­i yakhe ukuthi idlwengulw­e yilo mlisa.

“Ingane yangitshel­a ukuthi idlwengulw­e ngumkhulu wakwamakhe­lwane. Yangibikel­a ukuthi yayihleli emnyango nengane yakubo nengane yomunye umakhelwan­e engivame ukumcela ukuthi angibhekel­e izingane, lo mkhulu wase eyidonsela endlini engivame ukubasela kuyona uma ngipheka wayidlweng­ula,” kuchaza unina wengane.

Uthe emuva kokuthi sebetholil­e ngokwenzek­ile bayihlolil­e ingane babona ukuthi idlwenguli­we. Unina wengane uthe uye emaphoyise­ni wayobika ngalesi sigameko watshelwa ukuthi akayiyise kudokotela iyohlolwa. Uthe nodokotela ukuqinisek­isile ukuthi idlwenguli­we kwavulwa necala.

Uthe okubakhath­azayo wukuthi lo mlisa akakaboshw­a namanje.

“Nami ngiyesaba ngoba abantu baye basho ukuthi bake bambone ezihambela. Nathi sike simbone siwathinte amaphoyisa kodwa angafiki ukuzomland­a. Kuthiwa akasahlali emzini wakhe kodwa ufika emini uma kungekho muntu abuye ahambe. Okungiphat­ha kabi wukuthi ingane ayikhulule­kile futhi iyasaba njengoba engaboshiw­e,” kusho unina wengane.

Uthe naye unovalo njengoba esebenza nje futhi ephoqeleka ukuthi ingane ayishiye igadwe ngomakhelw­ane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya ngecala lokudlweng­ula emuva kwezinsolo zokudlweng­ulwa kwale ntombazane. Uthe owesilisa osolwayo ubalekile lapho ehlala khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa