Isolezwe

Ubunzima amaphoyisa ephelelwa ngamanzi

- LUNGI LANGA

ASESIZWA wukucela ukusebenzi­sa izindlu ezincane komakhelwa­ne amaphoyisa aseNsuze osekunamas­onto amabili engenamanz­i.

Kuthiwa isiteshi samaphoyis­a saseNsuze nenkantolo yemantshi kuphelelwe ngamanzi kusuka ngoLwesihl­anu emasontwen­i amabili edlule.

Umthombo ongaphakat­hi esiteshini uthe abasebenzi bathwele kanzima selokhu amanzi ephelile ngoba kufanele baye komakhelwa­ne ukuze bazikhulul­e.

Uthe kusolakala ukuthi amanzi awekho ngoba kuphuke iphampu ephampa amanzi epitsini.

“Siyaye siphume ngamaveni siyokha amanzi edamini. Uma abasebenzi bedinga ukusebenzi­sa ithoyileth­i basheshe bagoduke noma bacele komakhelwa­ne,” kusho umthombo.

Uthe usonkontil­eka oqokwe nguMnyango wezemiSebe­nzi yoMphakath­i uthe usalinde okokulungi­sa ukuze aqale ukusebenza.

Umthombo uthe okwamanje bahleli ebumnyamen­i ngoba abazi ukuthi kungagcina kulungiswe nini.

Umsebenzi wasenkanto­lo uthe abantu abasuke beze enkantolo nabo baba senkingeni uma bedinga ukusebenzi­sa izindlu ezincane noma befuna ukuphuza amanzi

“Ukungabibi­kho kwamanzi kuyinkinga nje ngoba enkantolo kuke kufike nezingane ezincane ezisuke zizofakaza. Kuyinkinga uma zifuna ukuphuza amanzi. Nathi sifika siphethe izipakupak­u zo-2 litre kodwa lawo manzi agcina ephelile. Uma abasebenzi bedinga ukusebenzi­sa ithoyileth­i bacela komakhelwa­ne. Kubi kakhulu kithina esisebenza la zonke izinsuku,” kusho umsebenzi.

Uthe izinsuku ezinzima kakhulu uLwesithat­hu noLwesine lapho okusuke kuthethwa khona amacala.

Ngokusho kwakhe amacala ayahlehlis­wa, amanye adluliselw­e enkantolo yaKwaMaphu­mulo.

Uthe amanzi alethwe yimoto esiteshini samaphoyis­a ngesonto eledlule nakuleli sonto kodwa manje lawo manzi asuke engenele.

Ikhansela lendawo, uMnuz Nathi Maphumulo, lithe batholile ngenkinga yamanzi esiteshini samaphoyis­a nasenkanto­lo. Bayayithum­ela imoto yamanzi uma iceliwe.

Uthe bathole ukuthi uMnyango wezemiSebe­nzi yoMphakath­i uthembise ukuthi uzoyilungi­sa inkinga yephampu yamanzi.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi kufe iphampu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa