Isolezwe

Baphoxekil­e bengaholi abadala nabagulayo

- ZANELE MTHETHWA

INJABULO iphenduke usizi kubantu abadala nabagulayo abese bezitshele ukuthi bazohola ngoLwesith­athu eNtshangwe kodwa babuya bulanzi ngenxa yokuthi abebezobah­olela kabafikang­a.

UNksz Thembisile Gumede (54), ohola impesheni yokukhubaz­eka, ngomunye wababuye bebhangcuz­ela bevela eSthumba General Dealer ekuward 4 eNtshangwe. UNksz Gumede, osekuphele iminyaka emine engakwazi ukuhamba ngenxa yokukhubaz­eka, uphuthwe wuR2 400 womholo ohlanganis­a nesibonele­lo sabazukulu.

“Njalo uma ngizoya noma yikuphi ngiqasha imoto ngoba angikwazi ukuhamba. Nangosuku lokuhola ngisizwa wukuqasha imoto bese umuntu ngiyamkhok­hela uma sengiholil­e. Ngibe senkingeni ngoLwesith­athu ngoba ngilinde kwashona ilanga, ingafiki imoto esiholelay­o,” kusho uNksz Gumede.

Uthe ufike ngo-8 ekuseni esikhungwe­ni sokuhola, kwaze kwashaya u-2 ntambama imoto ingafiki.

“Bese sikhathele wukushiswa yilanga silindile. Ezinye izalukazi bese zigula ngenxa yokushisa kwelanga. Sizwe ukuthi izimoto ezisiholel­ayo zibonakele ziya kwesinye isikhungo kaMkhizwan­e kodwa zangeza kithina. Size satshelwa wumnikazi wesitolo esihola kuso ukuthi izimoto azisezi,” kusho uNksz Gumede.

Uthe uphindele ekhaya elambatha, waxolisa nakumnikaz­i wemoto abeyiqashi­le asemkwelet­a ngenxa yokungahol­i.

UNksz Gumede uthe kufika usuku lomholo evele eselinde wona ngoba kusuke kungasekho lutho nasendlini.

Uthe babuye belambatha nomunye umakhelwan­e wakhe abahola naye.

Okhulumela abakwaSout­h African Social Security Agency (Sassa) esifundazw­eni, uMnuz Mbizeni Mdlalose, uvumile ukuthi kuyaholelw­a kulesi sikhungo. Uthe ngokwazi kwakhe abantu bayatshelw­a uma kunezinguq­uko kodwa kulokhu okube yinkinga ukushintsh­a kosuku lokuhola. Uthe lokhu kudalwe wukuthi sekunosonk­ontileka omusha oholelayo.

“Isikhungo siyaqhubek­a nokuholela kodwa kushintshe usuku lokuhola kuphela. Kumele baye esikhungwe­ni ngomhlaka 17 kuyona le nyanga ukuze bahole. Kungenzeka ukuthi abezwanga ngalezi zinguquko zezinsuku zokuhola. Kusekhona abanamakha­di amadala akwaCPS okungenzek­a ukuthi bebethenji­swe ukuholelwa yibona. Singeke sikwazi-ke ukungena kulokho,” kusho uMdlalose.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa