Isolezwe

Sekuboshwe abawu-28 ngokubulaw­a kosopoliti­ki

- MLUNGISI GUMEDE

Gabi Gabi..okuhlabahl­osile okuqukethw­e yiphephand­aba lakho eliphuma kusasa

Yini ngempela eyenza ukuthi uthi uthandana nomunye umuntu kodwa uzithole usujola eceleni? UMaGumede udingida le nkinga kuleli sonto, ungaphuthe­lwa.

Kuyicala elibomvu ukuya ocansini nesithandw­a noma nenkosikaz­i yakho ingafuni. Ngaphandle kwalokho, kukhona ezinye izizathu. Zizwele zona kuMaGumede.

Kuyingozi enkulu ezinganeni ukukipita. Zizwele ukuthi ongoti besiko bathini ngalokhu. Yini ngempela okumele yenziwe yilabo abakhala ngokushoda ngemali okubenza bangalobol­i, bangashadi.

1. Ungaphuthe­lwa ezingxube ezithinta imidlalo ye-Absa Premiershi­p.

2. Udaba oluveza okuzokwenz­eka konondweba abavilapha­yo.

3. IDiski yoMhlaba ikuphathel­e ezithinta imidlalo emikhulu yase-Europe

4. Siphosa iso kwezemidla­lo eyehlukahl­ukene zaseMzansi naphesheya.

I-ANC KwaZulu-Natal ithi inethemba lokuthi kuzophela ukubulawa kosopoliti­ki esifundazw­eni ngemuva kokuboshwa kwabasolwa abangu-28 mayelana namacala okusocongw­a kwabombusa­zwe.

Kulaba ababoshiwe kuthiwa kukhona nosolwa ngokubulal­a owayenguno­bhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa.

UNobhala we-ANC esifundazw­eni uMnuz Mdumiseni Ntuli unxuse amaphoyisa ukuthi angabaniki moya wokuphefum­ula ababulali ukuze kuphele isihlava sokubulawa kosopoliti­ki.

“Siyi-ANC sifisa ukuncoma ithimba lamaphoyis­a eliphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki ngomsebenz­i eliwenzile lokubopha abanye abasolwa abangu-28, abasolwa ngokubulal­a,” kusho uNtuli.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uNgqongqos­he wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele, uxwayise izinkabi eziqotha osopolitik­i wathi amahlathi aphelile.

“Labo abasacaban­ga ukubulala abantu abahambe KwaZuluNat­al ngoba sizobabamb­a, lokho bangayokwe­nza kwezinye izindawo,” kusho uCele.

Uthe basezithen­deni zabanye abasolwa abathintek­a emacaleni okubulala.

“Kunesisho sesiZulu esithi alikho izinyane lemvubu elingabula­wa zingwenya kucwebe iziziba,” kusho uCele.

Uncome ithimba eliphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki wathi lenza umsebenzi omuhle.

“Ezinyangen­i ezimbili sisungule leli thimba, selibophe abangu-28 futhi isibalo sabasolwa sizokhula ngoba bakhona abanye esizobabam­ba maduze,” kusho uCele.

Uthe bangu-22 abasolwa abasezitok­isini mayelana namacala okubulala osopolitik­i.

“Ababili bangaphand­le ngebheyili, abathathu bagwetshiw­e kuthi abane amacala abo ahoxisiwe.”

Uthe kukhona ababili abaphenywa­yo ngecala lokubulawa kwekhansel­a le-IFP elabulawa oLundi, uMnuz Sibuyiselo Dlamini.

“Ecaleni lokubulawa kukasihlal­o we-ANC e-ward 12, uMnuz Thulani Nxumalo nakhona singase sibophe maduze,” kusho uCele. Uthe enye yezinkinga ebezenza ukuthi ithimba laphambili­ni kubukeke sengathi alisebenzi kahle wukuthi ofakazi bebehoxa. UCele uthe sebebophe oyedwa ngecala lokubulawa kukaMagaqa.

“Ukhona esesimboph­ile ngecala likaMagaqa, usevele ngisho enkantolo, sibophe abasolwa abayisishi­yagalombil­i ngecala lokubulawa kwesishosh­ovu se-ANC eMoses Mabhida, uMnuz Msawenkosi “Maqatha” Mchunu, nabo labo sebevelile enkantolo,” kusho uCele.

UNgqongqos­he wezokuVike­la, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe ukuboshwa kwalaba basolwa abangu-28 kuwumphume­la wokusebenz­isana kwezinhlak­a zezokuphep­ha ezweni.

UNkk Mapisa-Nqakula uphakamise ukuthi bonke abathintek­a emacaleni okubulala kuthi uma sebegwetsh­iwe bagqunywe eMbongweni, eKokstad.

Ibamba likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ukusebenzi­sana kwezinhlak­a akumele kube yinto yesikhasha­na kodwa kumele ihlale yenziwa.

Unxuse ukuthi abantu abathintek­a emacaleni okubulawa kosopoliti­ki banganikwa ibheyili.

“Indaba yokunikwa ibheyili kwabasolwa kula macala, kumele ifakelwe izibuko,” kusho uZikalala.

NoCele egcizelela indaba yebheyili, uthe umsolwa oboshelwe icala lokubulala ikhansela laKwaNongo­ma, othinteka amacaleni ayisithuph­a, elinye lamacala walenza engaphandl­e ngebheyili.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa