Isolezwe

OweDA uthi akukhishwe i-ANC ukuqeda ukulawulwa yidlanzana

- MHLENGI SHANGASE

I-DA ifuna ukuthi i-ANC iyofakaza kwiKhomish­ini eholwa yiJaji uRaymond Zondo ephenya ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Umholi waleli qembu, uMnuz Mmusi Maimane, uthe cishe wonke umuntu ofakaza kule Khomishini uyilungu le-ANC.

“Owayengume­ngameli wezwe uMnuz Jacob Zuma wazuza ngenxa yenkohlaka­lo. Ukulawulwa kombuso yidlanzana yinto ye-ANC. Namhlanje sigxila kuZuma kodwa akuyena kuphela ozuzile. Kumasipala waseGoli, kwebiwa uR18 billion, awebiwanga uZuma, eTshwane kanjalo naseNelson Mandela Bay nakhona kwebiwa imali. Omasipala kade balawulwa yidlanzana kanjalo nezifundaz­we,” kusho uMaimane.

Ukusho lokhu ekhuluma esikoleni Ohlange High eNanda emcimbini abebethula kuwo umholi abazofolos­a ngaye kwesikaNdu­nakulu wesifundaz­we okhethweni lohulumeni basekhaya.

Leli qembu lizofolosa ngoMnuz Zwakele Mncwango ongumholi weDA esifundazw­eni.

UMaimane uthe akumele ilulwe kakhulu le Khomishini, i-ANC okumele ivele kuyona ngoba ngalesi sikhathi akekho ongasho ukuthi ngeke kuqhubeke ukulawulwa kombuso yidlanzana.

“Kuzoqhubek­a ukulawulwa kombuso yidlanzana, uma siqhubeka ngendlela izinto eziyiyona manje. Kumele kukhishwe i-ANC emandleni.”

Ephendula umbuzo emkhandlwi­ni wezifundaz­we kuleli sonto, uMengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe uma ebizwa ukuthi ayofakaza kule Khomishini kaZondo uzoya.

“Uma iKhomishin­i ingibiza ngizoya ukuyofakaz­a anginankin­ga. Ngizokwenz­a lokho ngezandla ezimhlophe,” kusho uRamaphosa ephendula umbuzo.

Uthe yi-ANC eyafuna ukuthi kube nale Khomishini. UMaimane uthe kumele kwakhiwe izwe abantu abazolinga­na kulona kungabikho­na ukwehlukan­a ngokuthi abanye bacebile abanye bayahluphe­ka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa