OweDA uthi akukhishwe i-ANC ukuqeda ukulawulwa yidlanzana
I-DA ifuna ukuthi i-ANC iyofakaza kwiKhomishini eholwa yiJaji uRaymond Zondo ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
Umholi waleli qembu, uMnuz Mmusi Maimane, uthe cishe wonke umuntu ofakaza kule Khomishini uyilungu le-ANC.
“Owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma wazuza ngenxa yenkohlakalo. Ukulawulwa kombuso yidlanzana yinto ye-ANC. Namhlanje sigxila kuZuma kodwa akuyena kuphela ozuzile. Kumasipala waseGoli, kwebiwa uR18 billion, awebiwanga uZuma, eTshwane kanjalo naseNelson Mandela Bay nakhona kwebiwa imali. Omasipala kade balawulwa yidlanzana kanjalo nezifundazwe,” kusho uMaimane.
Ukusho lokhu ekhuluma esikoleni Ohlange High eNanda emcimbini abebethula kuwo umholi abazofolosa ngaye kwesikaNdunakulu wesifundazwe okhethweni lohulumeni basekhaya.
Leli qembu lizofolosa ngoMnuz Zwakele Mncwango ongumholi weDA esifundazweni.
UMaimane uthe akumele ilulwe kakhulu le Khomishini, i-ANC okumele ivele kuyona ngoba ngalesi sikhathi akekho ongasho ukuthi ngeke kuqhubeke ukulawulwa kombuso yidlanzana.
“Kuzoqhubeka ukulawulwa kombuso yidlanzana, uma siqhubeka ngendlela izinto eziyiyona manje. Kumele kukhishwe i-ANC emandleni.”
Ephendula umbuzo emkhandlwini wezifundazwe kuleli sonto, uMengameli we-ANC nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe uma ebizwa ukuthi ayofakaza kule Khomishini kaZondo uzoya.
“Uma iKhomishini ingibiza ngizoya ukuyofakaza anginankinga. Ngizokwenza lokho ngezandla ezimhlophe,” kusho uRamaphosa ephendula umbuzo.
Uthe yi-ANC eyafuna ukuthi kube nale Khomishini. UMaimane uthe kumele kwakhiwe izwe abantu abazolingana kulona kungabikhona ukwehlukana ngokuthi abanye bacebile abanye bayahlupheka.