Samukelwe esokuxoshwa kwabaholi be-IFP eNdumeni
SAMUKELWE isinqumo se-IFP sokuxosha abaholi bayo kuMasipala waseNdumeni, eDundee okuyiMeya noSomlomo.
Izolo, iMeya uMnuz Sboniso Mbatha noSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini namaqembu ezepolitiki baphawule kabanzi ngodaba.
UMbatha uhluleke ukuzibamba yintukuthelo ethethisa intatheli ngombiko wokuxoshwa kwakhe.
“Uyazi le nto eniyibhalile iyanginyanyisa futhi wena lapho esiyohlangana khona kuyozwakala, siyoxabana. Ngicela ukukutshela ukuthi mina ngiseyiMeya futhi kumanje ngimatasa ngiyokwethula izinhlelo zentuthuko yabantu baseNdumeni. Yena lowo Mkhuleko Hlengwa ukuthathephi ukuthi mina ngixoshiwe ngoba useCape Town. Mina anginankinga uma iqembu lingisusa eNdumeni ngoba ngisemncane futhi lisazongijuba kwenye indawo,” kusho uMbatha ngolaka.
UNkk MbathaMakhathini uthe ubonga ithuba alinikwe yi-IFP ngokumethemba kusuka enziwa iMeya yaseNdumeni waze wagcina esenguSomlomo.
“Ngisazoyisebenzela Inkatha ngoba angilazi elinye iqembu. Selokhu ngazalwa ngiyiNkatha. Okuhle sengize ngiyaphuma kumasipala anginawo ugcobho wenkohlakalo. Ngike ngasolwa ngenkohlakalo ngesikhathi ngithenge imoto yami iFord Ranger Wild Track kodwa okuhle kwavela ukuthi ngimsulwa. Okunye, mina angihlangani namathenda,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.
USotswebhu we-ANC eNdumeni, uMnuz Lucky Khumalo uthe bafuna uNkk Mbatha-Makhathini noMbatha balandwe bazochaza ngenkohlakalo ebiyenzeka ngaphansi kobuholi babo emkhandlwini.
WuKhumalo neqembu lakhe i-ANC abaqale bakhala ngobuholi beMeya noSomlomo kusuka ngo2017, baze bafaka isiphakamiso sokuba uMbatha akhishwe esikhundleni kodwa behluleka.
Bagcine sebebhalela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube becela enze uphenyo ngaphansi kukaSection 106.
“Ngaphansi kobuholi babo konakele eNdumeni kangangokuthi uma ubona imibiko yangaphakathi uphathwa yikhanda. Inkohlakalo ibiyenzeka isidana ikakhulukazi ophikweni lwezimali nolwezokukhishwa kwamathuba. Kunezinkampani ebeziqokwa ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Bekuthathwa imali yezinye izinhlelo zentuthuko ifakwe kwezinye ngaphandle kokulandela imigudu yakhona. Yingakho sifuna balandwe emakhaya ngoba phela abasewona amakhansela ukuze bazophendula ngakho konke okwenzeke ngaphansi kwabo. Nokho siyayizwela imeya ezongena ngoba izoshona emgodini owonakele,” kusho uKhumalo.
UMnuz Vusi Khoza we-EFF KwaZulu-Natal, usishayele ihlombe isinqumo se-IFP.
“I-IFP ikhombise ubuqotho njengoba emkhandlwini bekungasasebenzeki. Bekunzima kakhulu ngoba bekududulana izinkunzi zesibaya esisodwa. Okubi wukuthi imeya igcine isisolwa ngetulo lokuhlela ukubulala usomlomo okuyicala esalihamba ngenxa nje yokubanga amathenda. Sicela i-IFP isebenze kanzima ikhuculule ngoba konakele eNdumeni. Sicela i-IFP ifake abantu abazohlonipha” kusho uKhoza.
USihlalo wekhokhasi yeDA, uDkt Isri Beddasi uthe uyashaqeka ngalezi zindaba ngoba beyiqembu bebengakaziswa ukuthi imeya nosomlomo baxoshiwe. Uthe ucela ukungandi ngamazwi kuze kube bayaziswa.
Kumanje kuvela ukuthi kungenzeka uMnuz Percy Grant Mabila enziwe imeya. UMabila wake waba yimeya ye-IFP kudala eNdumeni kanti uyimenenja kwezokuxhumana kumasipala.
UMbatha kukhalwa ngokuthi selokhu angena esikhundleni akaziphethe kahle.
UMbatha waba yimeya encane kunazo zonke eNingizimu Afrika ngo-2016 njengoba aqokwa eneminyaka engu-29. Nosomlomo ubenotwayi lwakhe njengoba kube nemibiko yokuthi kunenkampani emthengele iFord Ranger Wild Track engaphezulu komholo wakhe. Nokho wakuphika lokho wathi uzithengele yena okwagcina ngokuthi amaqembu aphikisayo amyeke.