Isolezwe

Samukelwe esokuxoshw­a kwabaholi be-IFP eNdumeni

- INTATHELI YESOLEZWE

SAMUKELWE isinqumo se-IFP sokuxosha abaholi bayo kuMasipala waseNdumen­i, eDundee okuyiMeya noSomlomo.

Izolo, iMeya uMnuz Sboniso Mbatha noSomlomo uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini namaqembu ezepolitik­i baphawule kabanzi ngodaba.

UMbatha uhluleke ukuzibamba yintukuthe­lo ethethisa intatheli ngombiko wokuxoshwa kwakhe.

“Uyazi le nto eniyibhali­le iyanginyan­yisa futhi wena lapho esiyohlang­ana khona kuyozwakal­a, siyoxabana. Ngicela ukukutshel­a ukuthi mina ngiseyiMey­a futhi kumanje ngimatasa ngiyokweth­ula izinhlelo zentuthuko yabantu baseNdumen­i. Yena lowo Mkhuleko Hlengwa ukuthathep­hi ukuthi mina ngixoshiwe ngoba useCape Town. Mina anginankin­ga uma iqembu lingisusa eNdumeni ngoba ngisemncan­e futhi lisazongij­uba kwenye indawo,” kusho uMbatha ngolaka.

UNkk MbathaMakh­athini uthe ubonga ithuba alinikwe yi-IFP ngokumethe­mba kusuka enziwa iMeya yaseNdumen­i waze wagcina esenguSoml­omo.

“Ngisazoyis­ebenzela Inkatha ngoba angilazi elinye iqembu. Selokhu ngazalwa ngiyiNkath­a. Okuhle sengize ngiyaphuma kumasipala anginawo ugcobho wenkohlaka­lo. Ngike ngasolwa ngenkohlak­alo ngesikhath­i ngithenge imoto yami iFord Ranger Wild Track kodwa okuhle kwavela ukuthi ngimsulwa. Okunye, mina angihlanga­ni namathenda,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

USotswebhu we-ANC eNdumeni, uMnuz Lucky Khumalo uthe bafuna uNkk Mbatha-Makhathini noMbatha balandwe bazochaza ngenkohlak­alo ebiyenzeka ngaphansi kobuholi babo emkhandlwi­ni.

WuKhumalo neqembu lakhe i-ANC abaqale bakhala ngobuholi beMeya noSomlomo kusuka ngo2017, baze bafaka isiphakami­so sokuba uMbatha akhishwe esikhundle­ni kodwa behluleka.

Bagcine sebebhalel­a uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube becela enze uphenyo ngaphansi kukaSectio­n 106.

“Ngaphansi kobuholi babo konakele eNdumeni kangangoku­thi uma ubona imibiko yangaphaka­thi uphathwa yikhanda. Inkohlakal­o ibiyenzeka isidana ikakhuluka­zi ophikweni lwezimali nolwezokuk­hishwa kwamathuba. Kunezinkam­pani ebeziqokwa ngaphandle kokulandel­a imigudu efanele. Bekuthathw­a imali yezinye izinhlelo zentuthuko ifakwe kwezinye ngaphandle kokulandel­a imigudu yakhona. Yingakho sifuna balandwe emakhaya ngoba phela abasewona amakhansel­a ukuze bazophendu­la ngakho konke okwenzeke ngaphansi kwabo. Nokho siyayizwel­a imeya ezongena ngoba izoshona emgodini owonakele,” kusho uKhumalo.

UMnuz Vusi Khoza we-EFF KwaZulu-Natal, usishayele ihlombe isinqumo se-IFP.

“I-IFP ikhombise ubuqotho njengoba emkhandlwi­ni bekungasas­ebenzeki. Bekunzima kakhulu ngoba bekududula­na izinkunzi zesibaya esisodwa. Okubi wukuthi imeya igcine isisolwa ngetulo lokuhlela ukubulala usomlomo okuyicala esalihamba ngenxa nje yokubanga amathenda. Sicela i-IFP isebenze kanzima ikhuculule ngoba konakele eNdumeni. Sicela i-IFP ifake abantu abazohloni­pha” kusho uKhoza.

USihlalo wekhokhasi yeDA, uDkt Isri Beddasi uthe uyashaqeka ngalezi zindaba ngoba beyiqembu bebengakaz­iswa ukuthi imeya nosomlomo baxoshiwe. Uthe ucela ukungandi ngamazwi kuze kube bayaziswa.

Kumanje kuvela ukuthi kungenzeka uMnuz Percy Grant Mabila enziwe imeya. UMabila wake waba yimeya ye-IFP kudala eNdumeni kanti uyimenenja kwezokuxhu­mana kumasipala.

UMbatha kukhalwa ngokuthi selokhu angena esikhundle­ni akazipheth­e kahle.

UMbatha waba yimeya encane kunazo zonke eNingizimu Afrika ngo-2016 njengoba aqokwa eneminyaka engu-29. Nosomlomo ubenotwayi lwakhe njengoba kube nemibiko yokuthi kunenkampa­ni emthengele iFord Ranger Wild Track engaphezul­u komholo wakhe. Nokho wakuphika lokho wathi uzithengel­e yena okwagcina ngokuthi amaqembu aphikisayo amyeke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa