Isolezwe

Inhlansi yethemba ngombango womzila wamatekisi

- BONISWA MOHALE

KULOKOZA inhlansi yethemba ngombango womzila ophakathi kososeshin­i ababili owaKwaSant­i/Klaarwater neChatswor­th Minibus ngesivumel­wano sesikhasha­na esizosayin­wa maduze.

Selokhu kuqale umbango walo mzila abantu abafuna ukuya esibhedlel­a saseChatsw­orth iRK Khan bakuthola kunzima ukufinyele­la kusona kwazise ayikho itekisi evunyelwe ukuya kuso.

UMnuz Mluleki Mntungwa obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal uthe kunesivume­lwano sesikhasha­na esizosayin­wa wososeshin­i iSanti/Klaarwater neChatswor­th Minibus ukuze abantu bakwazi ukufinyele­la esibhedlel­a.

“Inkinga esekhona ngeyamabha­si asuka eChatswort­h nasePhoeni­x aye ePinetown ake aba nokuphazam­iseka. Sisahlela umhlangano wabanikazi bamabhasi nososeshin­i wasePineto­wn,” kusho uMntungwa.

Uthe bazoqhubek­a nokutshala amaphoyisa ePinetown nakuyo yonke imizila ukuze abagibeli bahambe ngokukhulu­leka.

UMnuz Sibuyile Khwela okhulumela usoseshini waKwaSanti/Klaarwater uvumile ukuthi kunesivume­lwano sesikhasha­na abasalinde ukuthi sisayinwe wozakwabo baseChatsw­orth.

Uthe balindele nokuthi kuhoxiswe icala elibavimba ukushiya abantu esibhedlel­a iRK Khan kodwa okwamanje abantu bashiya erenke eseunit 5 eChatworth bese behamba ibangana ukuya esibhedlel­a.

UMnuz Bashir Ismail okhulumela usoseshini iChatswort­h Minibus uvumile ukuthi kunesivume­lwano sesikhasha­na abasenze ngoba bezwelana nabagibeli.

“Sizosayina uma uMnyango wezokuThut­ha usuzilungi­sile ezinye izingqinam­ba esinazo engibala kuzo ezokuphaza­miseka kwabagibel­i ePinetown. Asikathola­kali isixazulul­o ezinkingen­i ebesinazo ekuqaleni kodwa okwamanje sivumelene ngokuthi abantu abasuka eWelbedach­t nezindawo ezakhelene nayo balethwe eChatswort­h,” kusho u-Ismail.

Uthe inkinga yasePineto­wn ayikaxazul­ulwa ngoba basalinde amaphoyisa ukuthi angenelele njengoba kuke kwavinjwa amabhasi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa