IZINKONDLO
- Bongani Mavuso Nkululeko ngikhulule Nkululeko ngikhulule ungangiyengi Nkululeko ngikhulule ungangiwungi Nkululeko ngikhulule ungangikhohlisi Ubuhlungu, Iminjunju nomunyu Engakuzwayo nxashana ngiphenduka impabanga
Ezweni lawo khokho namanje ngisabuzwa. Ngizwa ubuhlungu nxashana Ngibona amaqele namagquma ezwe lawo khokho abalilwela
Balifela koSandlwana, koNcome nakoMthashana Lisesezandleni zabacindezeli. Izimpophoma zezinyembezi zilokhu zigobhoze njalo
Nesibibithwane sesililo kasikhawuli futhi kasithuli
Nxashana ngicabanga izithukuthuku zoDingane, zoCetshwayo, ZoBhambatha
Abaqoma ithuna balilwela leli likaMthaniya
Ngizwa ubuhlungu buqaqamba ekujuleni
Kwemithambo ye nhliziyo yami nxashana ngicabanga
Ukuzinikela koTambo, Mandela, Luthuli, Sobukwe no Biko.
Abaqoma ukufa babhadla emajele besemshikashikeni wokulwela wena Nkululeko Nkululeko kanti uyongikhulula nini? Kade ungihlebela uthi selibuyile elika Jama
Nkululeko, pho uzongikhulula nini emaketangweni obubha?
Uzolibuyisa nini elika Nodumehlezi kaMenzi?
Lizobuya nini kanti elika Sifuba sigungu sigungubele?
Nxashana sibhobokayo umuntu uyakuzizwa izindaba
Kanti uzolibuyisa nini elika Bhush’obukhali, uBhov’ogqabul’ amaketango?
Hhayi bo, nkululeko kanti wawungiyenga yini?
Uzongikhulula nini esihogweni sokungazi nobuwula?
Uzongikhipha nini obhukwini lokungafundi?
Uzongephula nini emalangabini endlala?
Uzongihlenga nini ezingxavuleni zamazinyo okufa
Osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba Esizweni sikaPhunga noMaGeba Nkululeko Ngikhulule Ungangiyengi. - Chris Ka Nkosi