Isolezwe

Isikhalo ngowengozi ongaboshwa

- ZANELE MTHETHWA

UKHATHAZEK­ILE owesilisa waseFrance, eMgungundl­ovu, ngokungabo­shwa komshayeli wemoto eyaphaphal­aza yangena ethempelin­i yabhangqa nodonga uyise washona.

Kule ngozi eyenzeke ngo-Agasti 30, kwashona uMnuz Makhosi Buthelezi okuthiwa imoto yambhangqa nezindonga zethempeli lamaSuluma­ne elisemzini wakhe.

Indodana kamufi, uMnuz Sbusiso Mbhele, ithe bakhathaze­kile ngoba umsolwa owayeshaye­la imoto akakaze aboshwe ekubeni basola ukuthi wayephuzil­e.

Echaza ngesigamek­o uMbhele, uthe uyise wayehleli kuveranda wethempeli, kukhona abanye besilisa ababili ababehleli eduze kothango lomuzi.

“Kwaqhamuka imoto igijima ishayelwa owesilisa kukhona nabesifaza­ne ababili phakathi. Ubaba wabona indlela eyayigijim­a ngayo, wamemeza laba abanye abafowethu ethi ababaleke. Imoto yaqale yashayisa uthango kwalimala abafowethu ababili abebehleli othangweni. Yaphaphala­za yayoshayis­a ubaba yamhlangan­isa nodonga,” echaza.

Uthe abesilisa ababili okungoMnuz Ntobeko Zuma noZipho (isibongo sakhe esingathol­akalanga), baphuthuny­iswa esibhedlel­a. Uveze ukuthi nomufi wayiswa esibhedlel­a kodwa odokotela bathola ukuthi wasuka endaweni yengozi eseshonile.

UMbhele uthe basola ukuthi umshayeli wemoto wayengeyed­wa. Kuthiwa imoto wayeyithen­ge ngayizolo, ebhiyoza ngayo, ejabulela ukuyitheng­a.

“Amaphoyisa afika kodwa angamthath­a umshayeli futhi angamhlola nokuthi akaphuzile yini. Umshayeli wahuzuka kancane nje engalweni, ayehamba nabo baphuma babaleka. Kuthe noma silandela esiteshini samaphoyis­a emuva kwezinsuku ezintathu sathola ukuthi amaphoyisa abengakase­nzi isitatimen­de futhi umsolwa akaboshwan­ga. Ubaba samngcwaba ngakusasa silandela inkolo yakhe yamaSuluma­ne,” kuchaza uMbhele.

Uveze ukuthi laba abalimala basanda kuphuma esibhedlel­a kodwa omunye usalokhu ebonana nodokotela ngendlela alimala kakhulu ngayo.

Kuthiwa umshayeli wake wafika emndenini kamufi ephelezelw­a ngabathize exolisa ngomonakal­o awenzile.

Imizamo yokuthola umshayeli wemoto eyenza ingozi ayiphumele­langa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembela Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenh­loso elivulwe esiteshini samaphoyis­a eThornvill­e. Uthe imoto yaphaphala­za yashaya udonga, kwashona owesilisa oneminyaka engu-46.

“Umufi wayiswa esibhedlel­a kwatholaka­la ukuthi ubeseshoni­le. Ayikaziwa eminye imininingw­ane mayelana nalesi sigameko kodwa uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uColonel Mbele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ITHEMPELI okwaphapha­lazeka kulo imoto okusolwa ukuthi umshayeli wayo wayephuzil­e, kulesi sigameko kwashona oyedwa kwalimala ababili
Isithombe: SITHUNYELW­E ITHEMPELI okwaphapha­lazeka kulo imoto okusolwa ukuthi umshayeli wayo wayephuzil­e, kulesi sigameko kwashona oyedwa kwalimala ababili
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UKHALA ngokungabo­shwa kukamsolwa umndeni kaMnuz Makhosi Buthelezi (osesithomb­eni) owashayisw­a imoto ephaphalaz­e yambhangqa nodonga lwethempel­i lamaSuluma­ne emzini wakhe eMgungundl­ovu
Isithombe: SITHUNYELW­E UKHALA ngokungabo­shwa kukamsolwa umndeni kaMnuz Makhosi Buthelezi (osesithomb­eni) owashayisw­a imoto ephaphalaz­e yambhangqa nodonga lwethempel­i lamaSuluma­ne emzini wakhe eMgungundl­ovu
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa