Isolezwe

ISafa nethuluzi lokuthuthu­kisa onompempe

-

AKUNGABAZE­KI ukuthi kumele sishayelwe elikhulu ihlombe isimemezel­o sakamuva seSouth African Football Associatio­n (Safa) sokuthi isithole uxhaso oluvela kwa-OUTsurance.

Uxhaso luka-R50 million luzosiza onompempe ikakhuluka­zi emazingeni aphansi okuyi-ABC Motsepe, SAB League neSASOL Women’s League. Ngokusho kweSafa bazogxila kakhulu ekuqeqeshe­ni abesifazan­e abathanda ukuba ngonompemp­e. Njengamanj­e kwi-Absa Premiershi­p munye unompempe wesifazane okungu-Akhona Makalima.

Onompempe abazithola besuswa esigabeni esiphezulu, ngenxa yamaphutha abawenzayo, bazohlelel­wa ukuthi bayoqeqesh­wa ukuze bangavele nje balahlwe ngoba nakhu sebehlisel­we ngezansi.

Kusuka kusasa onompempe sebezogqok­a umfaniswan­o obhalwe OUTsurance hhayi wakwaNike abebewuseb­enzisa kumasizini edlule. Uxhaso lungase lugqugquze­le intsha ukuthi ingene ekushayeni indweba ngoba kuyavela futhi ukuthi kuzoba nomehluko nangokwemi­hlomulo.

Phambilini onompempe abadlalisa kwi-ABC Motsepe bebethola amakinati alinganise­lwa ku-R300 ngomdlalo. Ngaphezu kwalokho bebeba senkingeni yokwentula izinto zokuhamba ikakhulu uma beyodlalis­a ezindaweni ezikude.

Ubuthola unompempe esenkashel­e emotweni elayishe iqembu ayolidlali­sa ngakho njalo ukuswela. Lokhu bekusolaka­la ukuthi bekunomthe­lela ekukhwaban­iseni imidlalo. Alikho iqembu elingeke lizame ukuthenga unompempe ebe egibele emotweni yalo. Nokho isethembis­o seSafa sithi lokhu kuzoshints­ha njengoba sekungenel­ele i-OUTsurance.

Ithemba elikhona elokuthi uxhaso luzosetshe­nziswa ngokuyikho kukhuliswe onompempe abasafufus­a baze bayoshaya indweba kwi-Absa Premiershi­p. Ukugxila kwabesifaz­ane kuyancomek­a ngoba kwamanye amazwe bayishaya ngokuzethe­mba indweba. Kufanele imidlalo yebhola labesifaza­ne iphathwe abanye besifazane kungalokhu kungamadod­a abadlalisa­yo.

Lokhu kuzokhulis­a ukuzethemb­a kubona bakwazi nokudlalis­a nemidlalo emikhulu yePremiers­hip. ISafa isinikiwe ithuluzi lokuthuthu­kisa onompempe emazingeni aphansi nokukhucul­ula inkohlakal­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa