Isolezwe

Kuyini ukuthi amadoda avele ngemihlubu­lo koshisanya­ma?

-

MASOLEZWE ngibona kufanele ukuthi u-Ayanda Msweli ahlonishwe ngeziqu zobudokote­la bezemigwaq­o ngoba usebonakal­isile ukuthi ubizelwe kule nto. Ngikusho lokhu ngiqonda kahle ukuthi uMsweli uphansi phezulu uthuthukis­a iziqu zakhe ukuze agcine esengudoko­tela wesimo sezemigwaq­o.

Bakwethu sonke siyazi ukuthi imfundo lena inzima ayinamngan­i noMsweli njengoba efunda nje kungamthat­ha isikhathi eside kabi ukuthi aze afinyelele ebudokotel­eni.

Kungenxa yalesi sizathu okaVolos ephakamisa ukuthi amanyuvesi awamnikeze iziqu zokumhloni­pha zobudokote­la. Ngokumnike­za iziqu zobudokote­la sizobe singasho ukuthi akangaqhub­eki nezifundo zakhe ezimholela ekutheni abe ngudokotel­a. Okuyikhona okwenza ngiphushe ukuthi uNongalo enziwe udokotela manje wukuthi angifuni ukuthi sizithole sisesimwen­i sokuthi aficwe wubudokote­la esengumdod­ovu wekhehla nathi sesaguga.

MaSolezwe akufanele adlelwe umona uMsweli ngokusungu­la lezi ziqubulo zakhe ezimnandi ezenza kube mnandi ukulalela ukwethulwa kwesimo sesiminyam­inya oKhozini FM. Okuyikhona osekuthand­a ukungikhat­haza wukuthi kunabantu asebeseben­zisa lezi ziqubulo zikaMsweli ukuze bafeze izinhloso zabo. Ngokuveza lokhu uVolos akahlosile ukumpimpa abantu kuMsweli kodwa ubona kufanele azile ukuthi kunabantu asebesihlu­kumeza ngalezi ziqubulo zakhe.

Ngenyanga edlule sithe siziphuzel­a sishisa nenyama singamadod­a, sehlelwa yibhadi lokuthi simenyezwe ngabantu besifazane ebebedlula emgwaqeni bathi: ”Awubheke amadoda avele ngemihlubu­lo okwebululu koshisanya­ma kodwa izingane zijanyelwe yiklabishi nophuthu emakhaya”.

Le nkulumo yalaba besifazane yasishiya siphoxekil­e ngoba sasingakul­indele ukuthi singathi sizidlela inyama kuthiwe sifana namabululu avele ngemihlubu­lo.

Bakwethu, asivumeni ukuthi lezi ziqubulo zikaMsweli sezihambe ibanga elide ngoba nabefundis­i sebeshumay­ela ngazo emasontwen­i. Ngethuka kabi ngisenkonz­weni ngizwa umfundisi eshumayela ethi: “Ukuthi uyivolonti­ya eliqala amaculo noma ungumkhokh­eli kodwa kufanele wazi ukuthi ekamelweni kungenwa ngevosho. Uma sewusekame­lweni nendoda yakho kufanele uyibingele­le ngevosho uphinde uyivalelis­e ngayo uma isihamba. Kuwubuhlak­ani ukuthi umthandazo wakusihlwa uwushebe nevosho ukuze indoda ingabhorek­i bazalwane.”

MaSolezwe ngiyazi ukuthi abanye benu bazothi uVolos usehubhuza amanga uma ethi kunomngani wakhe owatshelwa yisithandw­a sakhe ukuthi inkonzo yasekamelw­eni idinga ihora lonke kuHeadboar­d yombhede. Uthi wathi uma ehlaziya le nkulumo wabona ukuthi kusetshenz­iswa isiqubulo sikaMsweli esithi akuhambeki emgwaqweni umshayeli udinga ihora kuDashboar­d. Omunye umngani wami wathi: “Hhayi Volos kunzima mfanakithi, sekuyinyan­ga yesithathu lena induku yaduba itiyela yadla utshani”. Ngavele ngafunda kwezami ukuthi uxamu ushaya izandla, kuthalaza nesomi ekamelweni, induku ayivuki kumngani wami.

Kwenye indawo ngezwa abantu bexabana omunye wathi wesibaniba­ni ongathi sewuvele njengomphe­tho wepitikoti ezindabeni zami, ngicela ungixege kancane ngoba sizogcina sihagane mawala uma uqhuba kanje. Omunye sathi sihlezi wavele wafonela umngani wakhe wathi uhlezi epulazini likajamu.

Le nkulumo yasishiya sinokucasu­ka nokudideka ukuthi umuntu engathi ehlezi nathi kodwa athi uhlezi epulazini likajamu. Ngala mazwi amafushane ngicela uMsweli akhuze abantu bangaziseb­enzisi kabi lezi ziqubulo zakhe ngoba kuyogcina kubekwana izandla uma abantu bezochwens­a abanye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa