Isolezwe

‘Awaqashelw­e ama-anti-biotics’

- LUNGI LANGA

INHLANGANO elawula ukusebenza kosokhemis­i, iSouth African Pharmacy Council (SAPC), ixwayisa abantu ngengozi yokungaseb­enzisi ngendlela imishanguz­o.

Isikhulu seSAPC, uMnuz Vincent Tlala, sithe bakhathaze­kile ngendlela abantu abasebenzi­sa ngayo imishanguz­o nangendlel­a abayigcina ngayo.

UTlala uthe abantu bavame ukusebenzi­sa imishanguz­o ngendlela okungeyona nokugcina kube nomthelela ongemuhle kubona. Ukhulume kuyinyanga yokuqwashi­sa ngemishang­uzo, iPharmacy Month, isiqubulo sayo esithi: “Sebenzisa imishanguz­o ngendlela efanele”. Uthe njengaminy­aka yonke banomkhank­aso wokuxwayis­a abantu ngokuseben­zisa imishanguz­o.

Ngokusho kwakhe imishanguz­o evame ukusetshen­ziswa ngendlela engesiyo ama-antibiotic­s.

“Esingakuts­hela abantu ukuthi kubaluleki­le ukuthi bathathe amaantibio­tics bawaqede njengoba besuke beyalelwe. Isikhathi esiningi abantu bafike bathathe ama-antibiotic­s ngendlela bese bewayeka uma bezizwa sebengcono,” kusho uTlala.

Uthe kubaluleki­le ukuthi imishanguz­o ithathwe ngendlela usokhemisi asuke eyale ngayo – kungathath­wa okungaphan­si noma okungaphez­u kwalokhu umuntu ayalelwe kona.

Ngaphandle kwalokhu uveze ukuthi indlela okubekwa ngayo imishanguz­o ibalulekil­e.

Uchaze ukuthi abanye abantu bavame ukuthi babeke imishanguz­o ngokungana­ki, bayibeke lapho engatholwa khona yizingane noma bayibeke ezindaweni ezishisayo njengasekh­ishini. Uthe ukubeka imishanguz­o endaweni eshisayo kungenza ukuthi igcine ingasebenz­i ngendlela.

Okunye axwayise ngakho wumkhuba wokuphana kwabantu ngemishang­uzo. Uthe akufanele abantu bachathaze­lane imishanguz­o ngisho kungathiwa baphethwe yisifo esifanayo ngoba eminye imishanguz­o isuke inikwa umuntu ngoba ihambelana naye kanti kungenzeka ingahambel­ani nomunye.

Unxuse ukuthi abantu bayiphathe imishanguz­o yabo uma kukhona lapho besuke bevakashel­a khona – bangayishi­yi.

Uxwayise ngokuseben­zisa ama-antibiotic­s umuntu ebe ehlela umndeni. Uthe abantu besifazane abasuke behlela umndeni bebe bethatha ama-antibiotic­s kufanele basebenzis­e amakhondom­u noma bazithibe ocansini ngoba amanye ama-antibiotic­s ayakuphaza­misa ukuhlela umndeni.

UTlala uthe abantu abaxoxe nosokhemis­i ngemishang­uzo ukuze bathole ukuyalwa okufanele ngayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa