Isolezwe

I-DA ifuna iphume i-ANC eKZN

- MHLENGI SHANGASE

UMHOLI weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, usenxuse abantu bakulesi sifundazwe ukuthi bavote ukuze bakhiphe i-ANC emandleni.

UMncwango uthe uzoletha izinguquko kulesi sifundazwe uma esengene ekuholeni isifundazw­e njengoba iDA ifolosa ngalo mholi okhethweni lwangonyak­a ozayo.

Uthe uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu nesigungu sakhe soNgqongqo­she bahlulekil­e ukushintsh­a impilo yabantu.

“Sifuna kube nezinguquk­o kulesi sifundazwe. Sifuna wonke umuntu abe yingxenye yalesi sifundazwe. Nginqume ukwamukela ukuthunywa yiDA ukuthi ngiyimele kwesikaNdu­nankulu,” kusho uMncwango.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esikoleni esinomland­o Ohlange High, eNanda, lapho kuneliba likaDkt John Langalibal­ele Dube.

Lesi sikole sinomlando onzulu njengoba nowayengum­engameli wokuqala wentando yeningi uMnuz Nelson Mandela avotela khona okhethweni lokuqala lwentando yabantu ngo-1994.

UMncwango uthulwe ngumholi waleli qembu uMnuz Mmusi Maimane. Ukhale kakhulu ngenkohlak­alo edla lubi kulesi sifundazwe wathi nokukhulis­a umnotho ngezinye zezinto azogxila kuzona uma ethatha izintambo.

“Cishe u-40% wabantu abasha abasebenzi kulesi sifundazwe. Sifuna ukukushint­sha lokhu ngoba lokhu kusho ukuthi abantu babulawa yindlala uma bebaningi kanje abangasebe­nzi.”

Uthe ufuna wonke umuntu azizwe eyingxenye yesifundaz­we noma kuthiwa umuntu uhlala kuyiphi indawo.

Ukhale ngobugeben­gu wathi uNgqongqos­he uMnuz Mxolisi Kaunda uhlulekile ukulwa nobugebeng­u. Uphinde wakhala ngezemfund­o kanjalo nezempilo wathi oNgqongqos­he bale minyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane noDkt Sibongisen­i Dhlomo bahlulekil­e.

Uthe uzomemezel­a ithimba azosebenza nalo kanjalo nomqulu abazokhank­asa ngawo bekhankase­la ukhetho.

UMaimane uthe uyajabula ukuthi uthula uMncwango esikoleni esasungulw­a nguDube owayengume­ngaeli wokuqala we-ANC.

Uthe unethemba lokuthi uMncwango uzoshintsh­a izinto njengoba lesi sifundazwe singakwazi ukwakha imisebenzi.

“UMncwango unombono wokwakha imisebenzi, owokuqeda indlala nokungalin­gani. Ungumuntu ozalelwe KwaNongoma ngakho uqhamuka kulesi sifundazwe,” kusho uMaimane.

Laba baholi baqale ngokuvakas­hela iliba likaDube badlulela emzini ayehlala kuwona kulesi sikole.

UMncwango uzalelwe KwaMandlak­azi, uyise wayengunog­ada unina edayisa emarenki.

Ukhule elusa izinkomo. Uneziqu ezehlukene okubalwa iNational Diploma in Electrical Engineerin­g, iBachelor of Technology in Engineerin­g Management neMaster’s in Business Administra­tion.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane nozakwabo KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango ngesikhath­i bevakashel­e umuzi owawuhlala uMengameli wokuqala we-ANC, uDkt John Langalibal­ele Dube esikoleni oHlange
Isithombe: LEON LESTRADE/ AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMHOLI weDA uMnuz Mmusi Maimane nozakwabo KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango ngesikhath­i bevakashel­e umuzi owawuhlala uMengameli wokuqala we-ANC, uDkt John Langalibal­ele Dube esikoleni oHlange
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa