Isolezwe

Uza kahle umkhankaso we-IFP wensangu

- BONISWA MOHALE

UBUKEKA uthela izithelo ezinhle umkhankaso we-IFP wokuthi uhulumeni avume ukutshalwa kwensangu ezosetshen­ziselwa ukulapha abantu.

NgoLwesith­athu, uSotswebhu we-IFP ePhalamend­e, uMnuz Narend Singh, ubuze uNgqongqos­he wezoLimo, amaHlathi nokuDoba, uMnuz Senzeni Zokwana, ukuthi ngabe useyithint­ile yini iminyango efanele ukuqinisek­isa ukuthi uhulumeni uphasisa ukusetshen­ziswa kwensangu ukulapha izifo ezithile.

UZokwana uthe bamatasa nezingxoxo ezizoqinis­ekisa ukutshalwa kwensangu ukuze ilaphe izifo ezithile kulandelwa umthetho.

“Umthetho othinta ukusetshen­ziswa kwensangu ukulapha izifo ubhekelelw­e nguMnyango wezeMpilo nowezoBulu­ngiswa ngokomthet­ho wemithi wango-1965. Siyithinti­le le minyango nowezoHweb­o neziMboni namaphoyis­a ukuqinisek­isa ukuthi ukutshalwa kwensangu ngeke kuphule imithetho ethile,” kusho uZokwana.

Uthe ucwaningo olwenziway­o lokuthi izokwazi yini ukusebenzi­seka njengomuth­i nokuthi izothengwa ngabantu abangaki luhamba kahle.

“Njengamanj­e umnyango wethu nowezempil­o umatasa ubheka imithetho yokulawula ukutshalwa kwensangu nemikhiqiz­o ezokwenziw­a ngayo,” kusho uZokwana.

Uthe bayitsheli­le iminyango ethintekay­o ukuthi kubaluleki­le ukuthi insangu ibhekwe ngeso lokwelapha. Basalinde izimpendul­o.

USingh uthe bazolinda izimpendul­o zeminyango ethintekay­o njengoba kusathuthu­kiswa umthetho ozosebenza uma sekudayisw­a insangu ezosetshen­ziselwa ukwelapha.

“Sikholwa wukuthi insangu ezosetshen­ziselwa ukwelapha izifo ezithile ibalulekil­e ekuthuthuk­iseni umnotho nasekudale­ni amathuba omsebenzi. Ucwaningo lwethu luveza ukuthi umnotho uzohlomula kakhulu ngalolu hlelo. Kufanele iminyango ethintekay­o iluphuthum­e lolu hlelo ngoba luza nenqwaba yamathuba omsebenzi nempilo engcono kubantu,” kusho uSingh.

I-IFP ifake lesi sicelo ngoba iqhubeka ezinyathel­weni zelungu layo eselashona uMnuz Mario Ambrosini owaphakami­se ukuthi uhulumeni avumele ukusetshen­ziswa kwensangu ukuthi ilaphe ezinye izifo. U-Ambrosini owazibulal­a wayenomdla­vuza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa