Isolezwe

Uhulumeni ufuna kuboshwe abeFFRET

- MLUNGISI GUMEDE

UHULUMENI waKwaZuluN­atal usunxuse ukuthi aboshwe ngokushesh­a amalungu omfelandaw­onye wezinhlang­ano ezidume ngokufuna amathenda ngenkani, iFederatio­n for Radical Economic Transforma­tion, (FFRET), agasele emahhovisi oMnyango wezeMpilo esifundazw­eni afike ahlukumeza aphinde asabisa izikhulu zalo mnyango.

Lesi siphakamis­o senziwe ngemuva kokwethulw­a kombiko mayelana nalesi sigameko esenzeke ngeledlule.

Amalungu alezi zinhlangan­o kuthiwa aphinde avalela ehhovisi nebamba leNhloko yoMnyango wezeMpilo.

Kubikwa ukuthi amalungu alo mfelandawo­nye wezinhlang­ano avuka indlobane asabisa izikhulu zomnyango, aphinde asabisa nethimba elijutshwe uMnyango kaMgcinima­fa ukuba lizosiza uMnyango wezeMpilo.

Ibamba likaNdunan­kulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala lithe uhulumeni uzibopheze­le ekuguqulen­i izisekelo zezomnotho.

“Bakhona osomabhizi­ni abadonsa kanzima kodwa abenza izinto ngokulande­la umthetho, amalungu eKhabhinet­hi achaze ukuziphath­a kwamalungu alezi zinhlangan­o njengobuge­bengu,” kushu uZikalala.

Uthe iKhabhinet­hi iphinde yanxusa ukuthi kwenziwe uphenyo ngokuthi abekho yini abasebenzi bomnyango abasebenzi­sana nalaba bantu abafuna amathenda ngenkani.

“Kumele kuphenywe nokuthi inkampani eqashwe ukuthi igade eNatalia lapho kukhona amahhovisi omnyango ayinaso yini isandla ekungeneni kwala malungu ebhilidini,” kusho uZikalala.

Uthe bafuna ukwazi ukuthi kungani amaphoyisa engazange awabophe amalungu ale nhlangano ngoba abizwa ngesikhath­i kwenzeka isigameko.

UZikalala uthe sebephinde bakhipha umyalelo bawubhekis­a kwiziphath­imandla zomasipala othi kumele ziqikelele umsebenzi wazo ngemuva kokwenyuka kwezinga lemiphumel­a emibi kumncwanin­gi mabhuku jikelele.

Uthe bahlela nomhlangan­o nezinkampa­ni zonogada ukuze babheke ukuthi bangabambi­sana kanjani.

“Enye into esikhulume ngayo ukuvuselel­a ikomiti lamaqembu ezombusazw­e ukuze silungisel­ele kahle ukhetho lwangonyak­a ozayo,” kusho uZikalala.

Esitatimen­deni abeFFRET bathe bayajabha ngokuhlane­kezelwa komhlangan­o wabo nezikhulu zoMnyango wezeMpilo lapho kwaphuma khona imibiko yokuthi babezithum­bile ngoLwesine oludlule.

Bathe bayajabula ukuthi bagcina behlangene nezikhulu zoMnyango wezeMpilo yize kwakubuye kuphakame imimoya kodwa izingxoxo zahamba kahle futhi bayaqhubek­a nokusebenz­a nokuxoxa nezinhlaka ezithintek­ayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa