Isolezwe

Ulindele ukuxoshwa uma ehlulwa wukunqoba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI wamaBhokob­hoko, uRassie Erasmus, wazi kahle ukuthi umsebenzi wakhe usengcuphe­ni uma ehluleka ukunqoba koweCastle Lager Rugby Championsh­ip neNew Zealand kusasa ngo-9.35 ekuseni eRegional Stadium, eWellingto­n.

Lokhu kushiwo uyena uqobo lo mqeqeshi ekuqaleni kwesonto. Ezeseka uthe uya kulo mdlalo esuka esibhaxwin­i imidlalo emibili ilandelana. Ngokusho kwakhe le midlalo emibili ahlulwe kuyona yi-Argentina ne-Australia ekuhambeni bekungafan­ele bawalahle amaphuzu kuyona osekwenze umsebenzi wakhe waba sengcuphen­i.

Yize amaBhokobh­oko eya kulo mdlalo esuka esibhaxwin­i, inkinga enkulu wukuthi ayazi ukuthi athole isibhaxu sika 57-0 ngesikhath­i egcina ukuvakashe­la ama-All Blacks. Kugcine ngo-2009 ukuthi amaBhokobh­oko anqobe kwiNew Zealand eNew Zealand. Ngaleso sikhathi ayesaqeqes­hwa uPeter de Villiers.

Lo mqeqeshi uthe yize ethathe lo msebenzi ngoMashi kodwa uma bengathola isibhaxu esifanayo nesitholwe amaBhokobh­oko egcina ukuya eNew Zeland ukholwa wukuthi ibhantshi lizogcwala umoya.

“Uma singawunqo­ba lo mdlalo kuzovusele­leka umdlandla kuwo wonke umuntu. Uzozwa abanye bazoqala bathiphe thina kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo kodwa uma singahlulw­a, indaba izobhekana nami ngqo. Kungenzeka ngikhonjwe engafika ngayo,” kusho u-Erasmus.

Uzwakalise ukuthi lokhu akushoyo akakususel­i emoyeni kepha uyazi ukuthi abathandi bombhoxo eNingizimu Afrika badinwe kanjani njengoba iqembu labo selishaywe kabili kulandelan­a lahlehla nasekuklel­isweni emhlabeni lahlala endaweni yesikhombi­sa.

“Obekumqoka kimina ukuthi ngibeke iqembu lesizwe ezingeni elingcono kunaleli engilithat­he likulo. Ngeneme ngalokhu futhi bekungeke kungithoko­zise ukulanda inqwaba yabadlali abangeke babe khona kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo ngoba ngifuna ukuwina,” kusho yena.

Uthe uzoqinisek­isa ukuthi uyaqhubeka nokufaka abadlali bebala elimnyama ngoba ukholwa wukuthi iqembu lesizwe kumele libafake bonke abantu abakhona ezweni inqobo nje uma ithalente likhona. Ukuqinisek­isile lokhu ngokuthi aqhubeke noSiyamtha­nda Kolisi njengokapu­teni nakulo mdlalo wakusasa.

“Ngisho ngabe ngikhona noma angikho kodwa umqeqeshi ozoya nathi kwiNdebe yoMhlaba kumele aqinisekis­e ukuthi iNingizimu Afrika imelekile eqenjini. Ngokumelek­a ngisho ukuthi zonke izinhlanga ezikhona zifakwe kodwa konke lokhu kwenziwe ngokuqoka ithalente. Kumele kube abadlali abakwaziyo ukuya empini namazwe afana ne-Australia neNew Zealand engikholwa wukuthi sinawo amava okuyishaye­la ekhaya.”

UJesse Kriel uzovala indawo kaMakazole Mapimpi olimele.

Kubhekwe amaBhokobh­oko nje, luyaqhubek­a ushikishi lweCurrie Cup njengoba imidlalo izobe ithe chithi saka kusukela namuhla. Isiyonke eyeCurrie Cup imi kanje: Namuhla: Vodacom Bulls v iCOLLEGE Pumas (Loftus Versfeld, 7pm). Kusasa: Xerox Golden Lions XV v DHL Western Province (Emirates Airlines Park, 3pm); Tafel Lager Griquas v Toyota Free State XV (Tafel Lager Park, 5.15pm).

 ??  ?? RASSIE ERASMUS
RASSIE ERASMUS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa