Isolezwe

Sinxusa ukuziphath­a kubalandel­i: AmaZulu

- LUNGILE MAJOKA

AMAZULU FC anxuse abalandeli bawo ukuthi baziphathe kahle uma esebhekene neMamelodi Sundowns ngemuva kokuthi ehlawulisw­e imali engaphezu kwengxenye yesigidi.

Ikomidi eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) lihlawulis­e Usuthu uR640 000, lalilengis­ela uR320 000 izinyanga eziwu-24.

“AmaZulu ayebekwe icala lokuziphat­ha budlabha kwabalande­li nokuhlulek­a wukuqinisa ezokupheph­a ngesikhath­i edlala neMamelodi Sundowns ngoMashi 2 eKing Zwelithini Stadium.

“Umdlalo wamiswa imizuzu embalwa ngemuva kokuthi abalandeli bajikijele enkundleni. Amacala okudayisa amathikith­i adlulile esibalweni nelokungaq­inisi ezokupheph­a awathethil­e AmaZulu,” kusho isitatimen­de.

NgeSonto AmaZulu azokwamuke­la yona iSundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.

Okhulumela iqembu, uBrilliant Mkhathini, uthe: “Ukuziphath­a kwabalande­li yinselelo ekhona yonke indawo. Siyabancen­ga abalandeli ukuthi bahloniphe izinqumo zikanompem­pe.

“Siyacela futhi ukuthi baphume ngobuningi beze emdlalweni bayokhutha­za abadlali.

“Eyonondweb­a ayikho ezandleni zethu ngakho siyacela ukuthi baziphathe kahle noma ngabe kwenzekani.”

Uthe sebeke bahlangana nabalandel­i babo bakhuluma ngokuzipha­tha.

“Sibuhlungu isigwebo esisitholi­le kodwa-ke okwethu wukuthi singene enkundleni sidlale ibhola. Siyiqembu kasihambis­ani nodlame,” kusho uMkhathini.

Imenenja yaMaZulu, uQedi Dlamini, naye ukhuthaze abalandeli ukuthi bayogcwali­sa inkundla.

“Sidayisa amathikith­i awu14 000. Emdlalweni wangesizin­i edlule bangaphezu­lu kuka-12 900 abalandeli abafika enkundleni futhi akusilona iqiniso ukuthi sadayisa isibalo samathikit­hi esingaphez­ulu. Namanje senza isiqinisek­o zonke ezokupheph­a zizohamba kahle,” kusho uDlamini.

AmaZulu eza kulo mdlalo ephuma endukwini ayithole kwiBidvest Wits kodlule weligi kanti abengakahl­ulwa kule nkundla emidlalwen­i emibili yeligi.

Kulowa mdlalo owawususa umsindo Usuthu lwahlulwa ngo 3-1.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa